I-UNIVERSITY of Western Cape izifake kweyandulela owamanqamu emqhudelwaneni wokuhlungela iCaf Women’s Champions League, iguqisa iqembu laseZimbabwe, i-Herental Queens, ngo 2-1 emdlalweni wokugcina kuGroup A eMpira Stadium eMalawi.
Amagoli anqobele i-UWC aqhamuke kuNoxolo Cesane noBongeka Gamede esiwombeni sesibili, ele-Queens lashaywa ngu-Alice Moyo.
I-UWC ithole ithuba lokumela iNingizimu Afrika kulo mqhudelwano ohlanganganise amaqembu angompetha emazweni angaphansi kwesifunda iCosafa ngenxa yokuthi iMamelodi Sundowns isivele izibekisele indawo kwiChampions League yanonyaka njengoba izobe ivikela isicoco.
Iwuvule kabi ngesikhathi inqontshwa i-Green Buffaloes yaseZambia ngo 1-0 ngoLwesine. Nokho, ikwazile ukuvuka emdlalweni wesibili, yabhaxabula i-FC Ongos yaseNamibia ngo 3-0.
I-Herental Queens iyinqobe yomibili imidlalo yokuvula. Iqale ngokuxebula i-FC Ongos ngo 3-1, yaphinde yaguqisa i-Green Buffaloes ngo 1-0.
La maqembu angene emdlalweni wawo wokugcina esazi ukuthi adingani ukuze adlulele kweyomkhumulajezi ngenxa yokuthi umdlalo obuphakathi kwe-Ongos ne-Buffaloes ubusuphelile.
Lowo mdlalo unqotshwe yiOngos ngo 2-1, wayishiya ibambene ngamaphuzu amathathu ne-Buffaloes.
Nakuba bekucacile ukuthi i-UWC ne-Queens bebezodlula bobabili uma bedlala ngokulingana kodwa womabili amaqembu asheshe akhombisa ukuthi abehlose ukuwathatha ephelele amaphuzu.
Kwi-UWC bekubhoke uCesane obelihlikihla kuchwaze inkundla, kodwa kungaqhamuki muntu angamuphasela, agcine ejikele emuva noma amashodi akhe avinjwe ngunozinti.
Ohlangothini lwe-Queens, uPolite Mabika obeyiphela endlebeni ezitobheni ze-UWC kodwa naye uzame wancama ukushaya igoli, kwayiwa ekhefini zibambene ngo 0-0.
UCesane ugcine eyibhakuzisile inethi kungakapheli nomzuzu siqalile isiwombe sesibili ngeshodi elihle alishaye engaphakathi kwebhokisi, kulandela umnyakazo omuhle obuqalwe nguyena ngakwesokudla.
Igoli lesibili lingene ngomzuzu ka-60 liqhamuka ngekhona. Ibhola ebelingqomfwe nguPhilisa Mjambane lishaye ipali, lathola uGamede ezimele yedwa, walivalela phakathi.
UMoyo ushayele i-Queens ingcwenga yegoli engaphakathi kancane kwebhokisi ngakwesokudla ngomzuzu ka-81 kodwa i-UWC yakwazi ukubambelela yagcina inqobe ngo 2-1.
“Asiwuqalanga kahle umdlalo kodwa siqale kahle esiwombeni sesibili. Angineme neze ngegoli esilingenisile ngoba besingalikhipha ibhola ebhokisini. Nokho kumele ngibashayele ihlombe abadlali ngokulwa kwaze kwaba sekugcineni,” kusho umqeqeshi we-UWC, uThinasonke uMbuli.
“Bekunzima kakhulu. Bengilokhu ngikusho kusukela ekuqaleni ukuthi leli qembu belinzima futhi liphinde labonakala kulo mdlalo. Ngijabule ngendlela esidlale ngayo kule midlalo emithathu. Sidedele amagoli amabili sashaya amahlanu."
Kuzocaca namuhla uma sekusongwa imidlalo kaGroup B ukuthi yiliphi iqembu elizobhekana ne-UWC kowandulela owamanqamu ngoLwesine. Ompetha beCosafa yibona abazoya kwiChampions League.