INHLANGANO ephethe ibhola e-Europe, i-UEFA, isisongele amaqembu ezimpunyela ase-Europe asememezele ukuthi azoba yingxenye ye-European Super League (ESL) ngokuthi bazowakhipha kuyo yonke imincintiswano engaphansi kwe-UEFA.
NgeSonto, amaqembu ahamba phambili e-Europe athuse iziphathimandla zebhola ngokunjalo nabalandeli ememezela izinhlelo zomncintiswano omusha ozobizwa nge-ESL.
Kulawo maqembu kubalwa ayisithupha ase-England (Manchester United, Manchester City, Liverpool, Arsenal, Chelsea, neTottenham Hotspur), amathathu ase-Italy (Juventus, Inter Milan, AC Milan), namanye amathathu ase-Spain (Barcelona, Real Madrid, Athletico Madrid).
Onke lawa maqembu ajoyina i-ESL njengabasunguli, kanti uma isiqalile ngeke agawulwe yizembe futhi ngeke adinge ukuhlungela ukudlala kuyo minyaka yonke. Ngokwemibiko yamaphephandaba ezemidlalo e-Europe, kuvela ukuthi iBayern Munich neDortmund banqabile ukuba yingxele yale ligi, okwamanje. NePSG yaseFrance, equkethe abadlali abaphambili emhlabeni, kuvela ukuthi isaziqhathulula, kayifuni ukumataniswa nalo mncintiswano.
I-Juventus ibe yiqembu lokuqala ukuqinisekisa ukuthi izobe idlala kwi-ESL abathemba ukuthi izoqala ngesizini ezayo.
Iphendula lezi zindaba i-UEFA nezinhlangano ezengamele amaligi emazweni ase-Europe, bathe bazokwenza konke okusemandleni ukuvimba lo mncintiswano.
“Sizobheka konke esingakwenza ngokomthetho wezinkantolo ngokunjalo nangokomthetho wezemidlalo. Ingqikithi yebhola isekubeni khona kokuncintisana kumdlalo, akukwazi ukuba okunye,” kusho UEFA esitatimendeni.
Ithe amaqembu azoba yingxenye ye-ESL azovalelwa ngaphandle kuyo yonke imincintiswano ye-EUFA yamaqembu okubalwa kuyo i-UEFA Champions League (UCL) ne-Europa League. I-UEFA isongela kanjena nje kuyimanje iManchester City, Real Madrid neChelsea bakuma-semifinal e-UCL. Kwi-Europa League nakhona kubusa amaqembu afuna ukudlala kwi-ESL njengoba kuma-semifinal kukhona iManchester United ne-Arsenal.
Ngaphandle kokuvalelwa ngaphandle kule mncintiswano, i-UEFA ithe abadlali abagijima kuleli qembu bangase banqatshelwe ukudlalela amaqembu esizwe.