Mamelodi Sundowns (1) 3
Richards Bay (1) 2
XOLILE MPISANE
IQHUBEKILE nokukhombisa ukuthi ayinantanga kwiPremier Soccer League iMamelodi Sundowns ngesikhathi idlula ngo 3-2 kwiRichards Bay emdlalweni weNedbank Cup obuse-Loftus Versfeld ngoLwesibili ebusuku.
UPeter Shalulile uvalele amagoli amabili esiwombeni ngasinye, elinye labekwa phakathi nguMosa Lebusa ngekhanda.
AweBay kube yiphenathi ebekwe enethini nguNkanyiso Zungu esiwombeni sokuqala, nelikaKatleho Makateng sekusele imizuzu umdlalo uphele.
La maqembu ahlangana esigabeni esifanayo kulo mqhudelwano ngesizini edlule, iSundowns yazidlulela kalula ngo 4-0, kodwa kulokhu kudingeke ukuthi isebenze kakhulu.
Awavelanga amathuba ayingozi emizuzwini engu-10 yokuqala njengoba womabili amaqembu ebesazama ukuligcina enkabeni yenkundla ibhola kodwa agcine elilahla.
AmaSandawana ashaye igoli ngethuba lawo lokuqala elicacile lomdlalo ngomzuzu ka-11.
ULesedi Kapinga uwine ibhola ngaphandle kancane kwebhokisi, uShalulile wangena nalo ngakwesokudla wabe eseleqisa kunozinti walinamathisela enethini.
Kwale kancane ukuthi athole elinye igoli ngomzuzu ka-17 nge-freekick kaSipho Mbule eyeqe udonga maqede yashaya ipali eselahlekile unozinti weBay, uSalim Magoola.
Iqembu lasekhaya liqhubekile nokuba yingozi ngomzuzu ka-20 ngesikhathi liwina ibhola lase lihlasela ngesivinini. UKapinga ulifakele uSurprise Ralani kwesokunxele, walidlulisela kuShalulile, kodwa kulokhu ibhola lakhe liceze kancane epalini.
INatal Rich Boyz ithole igoli lokulinganisa ngephenathi kaZungu eshaye kwi-crossbar yakhalakathela phakathi, u-Onyango waphambana nayo.
Idaleke ngesikhathi lo nozinti ethela phansi uSakhile Hlongwa ebhokisini, obeliphakelwe kamnandi nguSanele Barns ngemuva kokuthi iBay ilidle kwiSundowns esiswini.
UShalulile uphinde wathola amathuba amahle okubuyisela ezakhe phambili ngaphambi kwekhefu kodwa wahluleka ukuwasebenzisa.
Ngomzuzu ka-41 uthole ibhola ebeligotshwe nguThapelo Morena ngakwesokudla kodwa ishodi lakhe lavinjwa nguMagoola. Ngoka-44 utholwe uKapinga ezihambela yedwa ebhokisini kwesokunxele, walibeka eceleni.
Akuthathanga sikhathi nokho ukuthi ezikaRhulani Mokwena zilithole igoli ngesiwombe sesibili, uLebusa elingqofela phakathi ngomzuzu ka-47, ehlangana nekhona ebishaywe nguSipho Mbule.
EzaseMamelodi ziqhubekile nokucindezela iBay, ingasakwazi ukuphuma nebhola engxenyeni yayo yenkundla.
Lokho kuholele ekutheni uShalulile agcine elitholile igoli lakhe lesibili ngomgundatshani awushaye engaphandle kancane kwebhokisi, walizwa ngendaba uMagoola.
UThabiso Kutumela obeqhamuke ebhentshini kwale kancane ukuthi athole igoli lokuqala kule sizini ngeshodi alidubule esebhokisini kodwa uKhetha Shabalala walikhipha ngekhanda ngakulayini sekuvalwe amehlo.
Kuchwaze inkundla ngomzuzu ka-79 abalandeli bamaBrazilians bejabulela ukungena kukaRivaldo Coetzee obedlala okokuqala kule sizini.
Lo mdlali okucishe kwaphela unyaka engadlali wayegcine ukubonakala bedlala neTS Galaxy ngoMashi nyakenye.
Emizuzwini yokugcina bese kubukeka sengathi iSundowns izozidlulela kalula ingene kwiLast 16 kodwa amaphaphu ake aphakama ngesikhathi ezaseBay zithola igoli lesibili ngebhola elishaywe nguMakateng ekude, u-Onyango walichithela phakathi.
Nokho isikhathi ebesisele besisincane umdlalo wagcina uphele ngo 3-2.
Komunye umdlalo weNedbank Cup obuseRoyal Bafokeng Stadium, iMarumo Gallants izibekisele indawo kwiLast 16 idlula kwiMagesi FC ngo 3-1.