I-PREMIER Soccer League (PSL), ishaye i-Orlando Pirates ephaketheni iyilahla ngecala lokuchelela ngokweqile inkundla ngaphambi kokubhekena neLamontville Golden Arrows koweDStv Premiership e-Orlando Stadium, eSoweto, ngoJanuwari 14.
Sekungumlando ukuthi iPirates ijikele i-Arrows njengotshwala esiwini ngemizuzu yokugcina yayehlula ngo-3-1 kade sekubukeka bezocazelana amaphuzu.
Lo bekungumdlalo wokuqala iPirates ejike ngawo izinto yaze yashaya namagoli (okokuqala) esiwombeni sesibili okuyinto abebengakaze bayenze esigamini sonke sokuqala sesizini.
Yize zizinhle izindaba zePirates enkundleni kulezi zinsuku kodwa kungenxa yayo futhi le nkundla esolwa ngokuyimatisa ngabomu ngokweqile kwazise isinqobe kabili kuyo kulandelana.
Ngempelasonto, umshushisi wePSL, uZola Majavu, uqinisekise ukuthi iPirates ilahlwe yicala lokuthela ngamanzi ngokwedlulele inkundla ngaphambi komdlalo okuyicala ngokwemithetho yale nhlangano eyengamele ibhola elikhokhelayo kuleli.
“Ngingakuqinisekisa ukuthi iPirates ivele phambi kwekomiti eliqondisa ubugwegwe kwiPSL lapho ibisolwa khona ngokuchelela ngokweqile inkundla okuyinto ephambene nemithetho (yale nhlangano) emdlalweni obuphakathi kwayo neGolden Arrows,” kusho uMajavu esitatimendeni esithunyelelwe abezindaba ngewhatsapp.
“IPirates ilivumile icala ebithweswa lona okube sekulandelwa ukuhlawuliswa (kwayo) isamba sikaR50 000 kodwa isigamu saso esilengisiwe ngesivumelwano sokuthi (iPirates) ngeke itholakale isecaleni elifanayo ezinyangeni ezingu-12 ezizayo.
“UR25 000 iPirates kufanele iwukhokhe njengenhlawulo kanjalo nezindleko zokuhlalelwa kwaleli cala, iligi izoxhumana (ngawo) ngokushesha ukuze kuhlelwe ukuthi izokhokha kanjani.
Kwenzeka konke lokhu nje, iPirates ishaye amagoli amathathu kowe-Arrows kwadlula isonto yashaya amanye amane kwiStellenbosch FC kule nkundla okukhulunywa ngayo.