I-ENGLAND kuphela engenawo umlando wokuqukula isicoco se-Euro emazweni amane azibekisele indawo emidlalweni eyandulela owamanqamu alo mqhudelwano osuzosongwa.
Kuze kube yimanje, i-England ayikalidlali ibhola ebelilindeleke kuyona okufakazelwa wukuthi idinge ukubuya kunzima kwiSwitzerland egcine iyikhiphe sekukhahlelwa amaphenathi ngoMgqibelo ebusuku.
Lo mphumela uqhathe i-England neNetherlands nayo ebuye sekuvalwe amehlo, yanqoba ngo 2-1 kwiTurkey komunye we-quarterfinal odlalwe ngosuku olufanayo.
INetherlands edle lesi sicoco ngo-1988, izobhekana ne-England ngoLwesithathu ngo-9 ebusuku eSignal Iduna Park, eDortmund.
Ngaphambi kowaseDortmund, iSpain esiwudle amahlandla amathathu lo mqhudelwano, izonqwamana nompetha bango-1984 nango-2000 iFrance kowakusasa ngo-9 ebusuku e-Allianz Arena, eMunich.
ISpain eyawunqoba kulandelana lo mqhudelwano ngo-2008 nango-2012, iyona esibhekwe ukuba igoduke nalesi sicoco kulandela ukukhipha kwayo osokhaya iGermany.
Emuva kokutibuliswa yiSwitzerland, umqeqeshi we-England, uGareth Southgate, uncome abadlali bakhe ngokumelana nokucindezeleka komlando we-England uma sekukhahlelwa amaphenathi.
Ngesikhathi i-England ishaywa i-Italy kowamanqamu womqhudelwano odlule, amaphenathi asuse umsindo kwazise uBukayo Saka, Marcus Rashford noJadon Sancho abawagejile, bathole ukucwaswa ngokwebala labo.
“Bekumqoka ukunqoba ngoba kuqhuba iphupho lethu lokulungisa amaphutha omqhudelwano odlule kodwa ukuqina kokhakhayi kwabadlali abathathe amaphenathi ikhona okungigqamelile,” kusho uSouthgate kwiSky Sports.
Bawashaye phakathi bonke abadlali be-England amaphenathi ibhadi leSwitzerland lawela kwisitobha seManchester City, uManuel Akanji, oyibeke ezandleni zikanozinti e-England, uJordan Pickford.
Izoshuba eyandulela amanqamu kwazise womane la mazwe asele anomlando ebholeni lase-Europe futhi agqishe ngabadlali abamqoka emaqenjini ahlonishwa umhlaba wonke.
UCody Gakpo weNetherlands uyena osazihola phambili ngamagoli kubadlali abasele kwi-Euro ka-2024.
Inethi useyibhakuzise amahlandla amathathu okumbeka yedwa phambili kulaba abasele kwazise iningi labanye lisashaya ngamabili kuya phansi.
UGakpo ubambene ngamagoli amathathu noGeorges Mikautadze waseGerogia, Jamal Musiala waseGermany no-Ivan Schranz waseSlovakia, bonke asebegodukile.
Kubadlali abanamagoli amabili abasele kwi-Euro singabala, uHarry Kane noJude Bellingham base-England, Fabian Ruiz noDani Olmo beSpain noDonnyel Malen weNetherlands.