IKOMIDI lesigungu esiphezulu leConfederation of African Football (Caf) liphasise izinsuku ebelizihlongezwe yiFederation of International Football Association (Fifa), zokuhlungela i-2026 Fifa World Cup ezosingathwa ngokuhlanganyela yiMexico, USA neCanada.
Imidlalo yokuhlunga ihlelwe ngendlela yokuhambisana nokunyuselwa ku-48 kwamazwe azodlana imilala. Angu-54 amazwe ase-Afrika, ayizifunda zeCaf ezizobanga izindawo ezingu-10 zaleli lizwekazi.
Azobe eyisishiyagalolunye amaqoqo eyokuhlunga aweCaf. Abazoqeda beqhwakele kula maqoqo bazodlulela kwiNdebe yoMhlaba. Abane abazoqeda besezindaweni zesibili ngendlela engcono uma kuqhathaniswa nabanye kula maqoqo ayisishiyagalolunye, bazobe sebengena kwiCaf Play-Off.
Ozonqoba kulowo mqhudelwano uzodlulela kwiFifa Play-Off Tournament.
Ukuqhathwa kwaweCaf kweyokuhlungela iNdebe yoMhlaba, kuzokwenziwa ngoJulayi 12, eCotonou, eBenin, lapho kuzobanjelwa khona i45th Caf Ordinary General Assembly. Imidlalo yokuqala izokuba ngoNovemba 13-21.
Okuqaphelekile kubalandeli bebhola eNingizimu Afrika, wukuthi kunokuba basijabulele isinyathelo sokwanda kophawini we-Afrika, bachilize bademelayisa besho ukuthi iBafana Bafana, izosala khona kunjalo.
IBafana igcine ukudlala kweyomhlaba ngo-2010 ingosokhaya bokuqala base-Afrika. Yangena emlandweni nasehlazweni iba ngosokhaya bokuqala ukuphuma esigabeni samaqoqo.
Begcina ukungena koweNdebe yoMhlaba ngezithukuthuku, bekungu-2002 beseKorea, naseJapan.
Likhulu ithemba lokuthi ezikaHugo Broos, zizofika emidlalweni yangoNovemba, zipholishekile ngoba zizokhipha amakhaza ngokuyibamba eCote d’Ivoire kwi-2023 Africa Cup of Nations (Afcon).
Kuzoba yi-Afcon yesibili yabesilisa ngaphansi kobuholi bukaPatrice Motsepe, ongowokuqala ukwengamela le nhlangano ovela ezweni elalingacindezelwe ngamaFrench.
Amaqoqo e-Afcon azoqhathwa ngoNovemba 12.