UMQEQESHI weRichards Bay FC, uKaitano Tembo, uthi yize bazi ukuthi i-Orlando Pirates ithwelwe ngeqoma kulo mdlalo wanamuhla ntambama kodwa bazolwela ukuwunqoba kumnyama kubomvu.
IRichards Bay izotholana phezulu nePirates namuhla ngo- 3 ntambama kowe-quarterfinal yeCarling Black Label Knockout, eMoses Mabhida Stadium, eThekwini.
Womabili amaqembu azovula inkundla edilini lemidlalo emibili enkundleni eyodwa namuhla eMabhida. Kanti emdlalweni wesibili kuyo le nkundla kuzodudulana AmaZulu FC, neLamontville Golden Arrows ngo-7 ebusuku.
IRichards Bay efinyelele kuma-quarterfinal omqhudelwano ngokuguqisa iMoroka Swallows ngo 2-1, iza kulo mdlalo nje izikhotha amanxeba ngemuva kokubhaxabulwa yiCape Town City ngo 3-1 koweligi ngeledlule.
Ngesifanayo nakwiPirates ebuya esibhaxwini sika 2-1 esithole kwiCape Town Spurs, koweligi ngoLwesithathu kungalindele muntu. Kanti eZimyama zifinyelele kowama-quarterfinal eBlack Label Knockout ngokuguqisa iSpurs, njengoba ibuyise izinduku koweligi ngoLwesithathu.
“Iqembu elinjengePirates liyohlale lithwelwe ngeqoma uma libhekene neqembu elinjengathi, iyiqembu elinabadlali abahle nomqeqeshi osezingeni eliphezulu. Kodwa lo ngumdlalo womkhumulajezi onganqotshwa yinoma yiliphi iqembu ngosuku. Yingakho-ke nathi sizimisele ngokuwunqoba kumnyama kubomvu.
Indlela esizodlala ngayo yiyona ezokwenza siwunqobe lo mdlalo kungakhathalekile ukuthi iPirates izobe ibophela baphi abadlali. Sizolwela ukulishaya kuqala igoli ukuze sikwazi ukubamba umdlalo, ingcindezi ikubona, thina asinangcindezi. Okwethu wukuhlasela nje kuphela singabaniki thuba,” kusho uTembo ngokuzethemba.
I-The Rich Boyz esanqobe imidlalo emibili kuphela kule sizini kuyo yonke imiqhudelwano, ukunqoba kwayo iqembu elinjengeBucs nokwedlulela esigabeni esilandelayo kungaba yinto enkulu.
“Lokho akungatshazwa. Ukunqoba iqembu elinjengePirates nokuhamba ibanga kulo mqhudelwano womkhumulajezi, sifinyelele kowamanqamu kungaba yinto enkulu kubadlali bami. Kungalenyusa kakhulu izinga lokuzethemba, okuyinto abayidinga kakhulu njengamanje,” kuqhuba umqeqeshi.
Ukungabi bikho kukaJustice Figuareido ngenxa yokulimala, osakhombise izimpawu zokuba ngumgadli ongalenzela izinto iqembu laseRichards Bay, kusho ukuthi ezikaTembo zizothembela kubagadli abanjeSomila Ntsundwana, uSanele Barns, noYamela Mbuthuma ekwenzeni izinto zenzeke kulo mdlalo.
Imidlalo yama-quarterfinal eCarling Black Label Knockout:
Namuhla:
Ngo-3pm: Richards Bay FC v Orlando Pirates (Moses Mabhida Stadium)
Ngo-7pm:
AmaZulu FC v Lamontville Golden Arrows (Moses Mabhida Stadium)
Ngo-8pm:
Sekhukhune United v TS Galaxy (New Peter Mokaba Stadium)