I-ARSENAL ebukeka isawubambile umgqigqo, eqale ngawo le sizini ka-202/2023 ye-English Premier League, nakuba kuseva kodwa ingelinye lamaqembu aseqalile ukukhombisa izimpawu zokuba phakathi kwalawo azobe ebalwa nasembangweni wesicoco seligi lapho sezibheke kuMaliyethe.
Yize luselude ukhalo olusazohanjwa kodwa ukuqala kahle kwe-Arsenal emidlalweni yayo yokuqala yesizini kukhombise ngokusobala ukuthi leli qembu kukhona elikuhlosile kule sizini.
Ziye nasekhefini leNdebe yoMhlaba esanda kusongwa eQatar, isazihola phambili kwi-log yePremier League nokungesinye sezizathu abantu abakholwa yiso ekutheni akukhona ukuthi ngumlilo wamaphepha umgqigqo eqale ngawo.
Ukunqoba umdlalo wayo wokuqala emuva kokubuyela ensimini kwemidlalo yePremier League ngokuguqisa iWest Ham United ngo-3-1 ngoMsombuluko, akungatshazwa ukuthi yinto ebiyidinga kakhulu ekwenzeni isiqiniseko sokulwela ukugcina umgqigqo ebigcine ikuwo ngaphambi kwekhefu leNdebe yoMhlaba.
Njengamanje ehlezi phezulu ngamaphuzu angu-40 emidlalweni engu-15, ngaphambi komdlalo wakusasa neBrighton and Hove Albion. I-Arsenal izobe isisalelwa yimidlalo emithathu ukusonga umzuliswano wokuqala wesizini.
Izodudulana neBrighton, e-American Express Community Stadium, eBrighton and Hove, namuhla ngo-7.30 ebusuku.
Ngakolunye uhlangothi, neBrighton iza kulo mdlalo nje kuthe gidi isibindi kulandela ukubhaxabula kwayo iSouthampton ngo-3-1 ngawo uMsombuluko, kanti futhi akungatshazwa ukuthi izokusebenzisa ukudlalela kwayo ekhaya kulo mdlalo.
Njengoba sekuzoqala ukushuba ngomzuliswano wesibili, leli qembu eliqeqeshwa wuMikel Arteta, nakanjani lizowadinga amava abadlali bayo asebengomakadebona, ukuze likwazi ukuyibamba ishisa ukugcina umgqigqo lapho sezihubela sakusha.
Kubadlali abanamava kubhekwe ukaputeni nenjini yasesiswini uMartin Odegaard, uThomas Partey oyinjini yaseswini, umgadli uGabriel Martinelli, umgadli uBukayo Saka, umgadli uGabriel Jesus, nesiqongqwane sasemuva uWilliam Saliba.
Ngaphandle kuka-Odegaard, bonke laba badlali asebebalwe ngenhla banamava futhi bebeyibambe kwiNdebe yoMhlaba bemele amazwe abo okubalwa kuwo iGhana, iBrazil, i-England neFrance ngokwehlukana.
Emidlalweni eyisithupha elandelayo esazodlalwa yi-Arsenal ibukeka izoshisa ngempela insimbi njengoba phakathi kwaleyo midlalo izodudulana neNewcastle, iTottenham Hotspur, iManchester United neMan City.
Umdlalo wayo wangoLwesibili neNewcastle, e-Emirate Stadium, eLondon, ngo-9.45 ebusuku, ungomunye yebhekwe ngabomvu.
Isiyonke imidlalo ye-English Premier League kule mpelasonto imi kanje:
Kusasa:
Ngo-2.30pm:
Wolverhampton Wanderers v Manchester United (Molineux Stadium)
Ngo-5pm:
Manchester City v Everton (Etihad Stadium); Fulham v Southampton (Craven Cottage); Bournemouth v Crystal Palace (Vitality Stadium); Newcastle United v Leeds United (St James Park)
Ngo-7.30pm:
Brighton v Arsenal (American Community Stadium)
NgeSonto:
Ngo-4pm:
Tottenham Hotspur v Aston Villa (Tottenham Hotspur Stadium)
Ngo-6.30pm:
Nottingham Forest v Chelsea (City Ground)
I