UDEDELE isibhaxu somlomo, uNjabulo “Mvongqo” Manqana, wagxeka abadlali beLamontville Golden Arrows ngokuzimisela kuphela uma bedlala namaqembu amakhulu.
UManqana, owayeseqenjini laBafana Be'sthende, abanqoba inkomishi ye-MTN8 ngo-2009 ugxeka i-Arrows nje izinto zimapeketwane kubona ngaphansi komqeqeshi uMabhuti Khenyeza.
Sebeshaywe emidlalweni emihlanu kulandelana.
Okubuye kubhibhise isilonda wukuthi kulesi sibalo semidlalo, i-Arrows seyingenelwe ngamagoli alishumi, yona yashaya elilodwa kuphela.
Ngesikhathi kuhamba uVusumuzi "Kanu" Vilakazi obengomunye wabaqeqeshi kuqala isizini, izinto ziqale zamhambela kahle uKhenyeza enqoba imidlalo kulandelana.
Uze wafaka leli qembu kuma-quarterfinal, eCarling Black Label Knockout, washaya neKaizer Chiefs kowe-DStv Premiership, okuyiwona abagcine ukuwonqaba.
Izinto ziqale ukonakala ngemuva kwalowo mdlalo, i-Arrows iwashiswa ijezi ngaMaZulu ngo-3-0 kwiCarling Knockout.
Kube sekulandela emine yeligi ithelwa othulini yiRoyal AM, AmaZulu, Cape Town City neChippa United.
Kuzomele ibhukule njengoba ngeSonto izobhekana ne-Orlando Pirates koweligi, ngo-3.30, eMpumalanga Stadium.
UManqana, owake waba semabhukwini ePirates nawoSuthu, utshele Isolezwe ukuthi usola ukuthi abadlali be-Arrows kwabangena emakhanda kakhulu ukushaya iChiefs.
Uveze ukuthi isimo esiqhubeka kuleli qembu simphethe kabi. Size samphoqa ukuthi aze aye ejimini yalo ukuyozibonela ukuthi ngempela inkinga ikuphi.
"Ngifike yonke into ihamba kahle ejimini. Ngenelisekile nangendlela uMabhuti abejimisa ngayo. Angiyazi inkinga yalaba badlali ukuthi ikuphi. Kuyacaca ukuthi kwabadunga imiqondo ukushaya iChiefs. Bazibone sebenqobe konke.
"Babhukula kuphela uma bedlala namaqembu athathwa njengamakhulu. Ngeke ngithuke uma ngeSonto bevuka inja ebomvu bayiqumbe phansi iPirates," kusho uManqana.
I-Arrows ike yahlala endaweni yesibili kwi-log isikhathi eside njengoba isiqoqe amaphuzu awu-20 ngaphambi kokuthi ithole induku. Ukuhluleka kwayo wukucosha amaphuzu emidlalweni edlule sekuyehlisele endaweni yesikhombisa. IPirates isendaweni yesihlanu ngamaphuzu awu-22.
UManqana uthe uKhenyeza kuzomele ahlale phansi nabadlali ngoba kuyonakala.
"Kumele bazi abadlali ukuthi yonke imidlalo iyalingana, kumele ilungiselwe ngokufana. Ukushaya kuphela iChiefs, Pirates noma iSundowns, akusho lutho, empeleni kuyingozi.
Iyangidida indaba yalaba badlali. Kukhona into ebuye ingitshele ukuthi mhlawumbe umqeqeshi ufuna kubona okungaphezulu. Mhlawumbe bazizwa benengcindezi. Angisho ukuthi umqeqeshi uMabhuti akabatotose kodwa kumele abe nobudlelwano obuhle nabo.“
UManqana ukholwa wukuthi uma kungatshintshi okwenzeka kuBafana Bes’thende, kuzomele uKhenyeza atholelwe umqeqeshi osemnkantshobovu azosizana naye.
"Angisho ukuthi uMabhuti akaxoshwe kodwa akatholelwe umuntu onesipiliyoni azosizana naye. Uyancomeka umsebenzi asewenzile, kushoda izinto ezimbalwa.“
Uma i-Arrows iqeda ngomdlalo weZimnyama izosalelwa oweTS Galaxy, ngoDisemba 23, khona eMpumalanga noweMoroka Swallows, ngoDisemba 30.