UKAPUTENI nesitobha seLamontville Golden Arrows, uGladwin Shitolo uthi bawadinga ngokufanayo amaphuzu emdlalweni wabo wabakhaya neRichards Bay FC koweDStv Premiership, ngakho-ke ngeke babe nazwelo kuyona, yize ivika izembe.
IGolden Arrows evuke othuthwini yaqeda isikhwakhwalala semidlalo engu-11 inganqobi ishaya iPolokwane City ngo 1-0 ngaphambi kwekhefu leFifa, ibuyela ensimini ngeRichards Bay FC, eMpumalanga Stadium, eHammarsdale namuhla ngo-3.30 ntambama.
I-Arrows iza kulo mdlalo ibhekene nenselelo yokuqhubeka nomgqigqo ngemuva kokunqoba umdlalo wokuqala ngaphansi komqeqeshi uSteve Komphela osanda kukhuza ibuya kuleli qembu.
Ngakolunye uhlangothi iRichards Bay eqeqeshwa wuVusumuzi Vilakazi, naye osuka kuyo i-Arrows, ibhekene nomqansa wokusuka esishozini sezembe njengoba ibalwa namaqembu amabili alengele kulona njengoba isendaweni ka-15 kwi-log ngaphezulu kweCape Town Spurs esendaweni ka-16.
I-The Rich Boys emidlalweni emine edlule yePremiership, ishaywe kwemithathu yadlala ngokulingana kowodwa.
“IRichards Bay esiyobhekana nayo ibalwa namaqembu avika izembe njengamanje, lokho okusho ukuthi iwadinga kakhulu amaphuzu kulo mdlalo esiyowudlala nayo.
“Kodwa nathi siwadinga ngokufanayo amaphuzu nayo ngoba sifuna ukugcina umgqigqo. Ngakho-ke ukubhekana kwethu nabo kusho umdlalo onzima nokufanele siwunqobe.
“Okubi nje yikho ukuthi ukubahlula kwethu kuyoba kufana nokuthi siyabacindezela, sibaphushela emgodini,” kusho uShitolo.
Uthe umqeqeshi uKomphela ufike wabamba elikhulu iqhaza ekufakeni umoya wenkuthazo ekhempini yaleli qembu.
“Umqeqeshi uKomphela ungumuntu okwaziyo ukukhuthaza abadlali, okuyinto ebesiyidinga kakhulu ngesikhathi lapho khona izinto bezisiphika, singayiwini imidlalo futhi sekuqala nokuzwela kithina badlali.
“Esikudingayo manje ukuthi siqhubeke lapho sigcine khona emdlalweni wethu nePolokwane,” kuqhuba uShitolo.
Ngokwezibalo zemidlalo namaphuzu Abafana Bes’thende basengenza kangcono ukwedlula ukuzibeka kwiTop 8 kuphela, kodwa nokuqeda endaweni yesithathu kwilog bese ingena emqhudelwaneni weConfederation of African Football (Caf) uma ingawaqoqa wonke amaphuzu kule midlalo eyishumi eyisalele.