ILAMONTVILLE Golden Arrows isiqashe uSteve “Mphathi” Komphela kwesokuqeqesha leli qembu ngemuva kohide lwemidlalo eyishumi liwukudla kwenduku emidlalweni yeDStv Premiership.
UKomphela, owethulwe izolo ekuseni kubadlali beGolden Arrows lapho bezilolongela khona, kulindeleke ukuba ahlale okokuqala ebhentshini laleli qembu emdlalweni walo wasekuhambeni weDStv Premiership nePolokwane City e-Old Peter Mokaba Stadium, ePolokwane, ngeSonto ngo-3.30 ntambama.
Bese kubukeka usuqala ukuzwela umkhizo ejazini kuMabhuti Khenyeza okunguyena obeqeqesha leli qembu njengoba ibilokhu imphike njalo imiphumela emidlalweni yePremiership kusukela ngoNovemba.
Okhulumela i-Arrows, uComfort “Mqoh” Thusi, ukuqinisekisile ukuqashwa kukaKomphela kuleli qembu wabe esecacisa nangekusasa likaKhenyeza noMusa Bilankulu okuyibona abebehola ithimba labaqeqeshi.
“Abaqeqeshi, uMabhuti Khenyeza noMusa Bilankulu, basazoqhubeka nokuba yingxenye yethimba labaqeqeshi njengabasizi bomqeqeshi osanda kuqokwa, uSteve Komphela. Njengeqembu sibone kufanele ukuthi siqoke uKomphela njengomqeqeshi ngokwamava akhe nangolwazi analo ngeqembu le-Arrows kwazise useke waliqeqesha phambilini, ukuzoqinisa amabhawodi ethimbeni lethu labaqeqeshi. Ziningi izinto esizibhekile ngaphambi kokuba sithathe isinqumo sokuqoka uKomphela njengomqeqeshi, ikakhulukazi ngasohlangothini lwemiphumela yakamuva nezinhloso esinazo njengeqembu.
Sinethemba elikhulu ukuthi ukufika kwakhe (uKomphela) kuzobuyisa uzinzo eqenjini nasethimbeni labaqeqeshi azosebenza nalo,” kusho uThusi ongathandanga ukudalula ubungako benkontileka esayinwe wuKomphela.
UKhenyeza uthathe izintambo zokuqeqesha kuBafana Bes’thende ekuqaleni kukaSepthemba ngemuva kokushiya isigubhukane kukaVusumuzi “Kanu” Vilakazi ejoyina iChippa United, nakuyona angahlalanga sikhathi esitheni wabe esevumbuka kwiRichards Bay FC aqeqesha kuyona njengamanje.
Ngemuva kokunqoba imidlalo emithathu yePremiership nowodwa weCarling Black Label Knockout kukaKhenyeza, kube sekuqala ukubheda uhlelo kuleli qembu elagcina ukunqoba umdlalo ngo-Okthoba 28 ngokuguqisa iKaizer Chiefs ngo 2-1 koweligi. Libe selihlulwa imidlalo eyishumi yeligi ilandelana noweNedbank Cup Last 32 likhishwa yiTS Galaxy ngo 2-1.
UKomphela usekhuza ibuya kuBafana Bes’thende aqeqeshe kubo kusukela ngoDisemba ka-2018 kuya ku-Okthoba ka-2020.
Ube esejoyina iMamelodi Sundowns aqeqeshe kuyo ngokubambisana noManqoba Mngqithi noRhulani Mokwena amasizini amathathu ngaphambi kokujoyina iMoroka Swallows ngaphambi kokuqala kwale sizini ephezulu, njengoba eshiye kuyona ngenyanga edlule.
Lo mqeqeshi, osengumakadebona ebholeni laseMzansi, ubhekene nenselelo yokubuyisa uzinzo kuBafana Bes’thende abasendaweni ka-12 kwi-log yePremiership kule midlalo engu-11 esele ngaphambi kokusongwa kwesizini.