Kaizer Chiefs (1) 2
Lamontville Golden Arrows (1) 3
I-KAIZER Chiefs izongena imanxebanxeba kowomkhaya ne-Orlando Pirates kulandela isibhaxu sika-3-2 esithole kwiLamontville Golden Arrows emdlalweni weDStv Premiership obusePeter Mokaba Stadium, ePolokwane, ngeSonto ntambama.
UNtsako Makhubela ushaye igoli lokuqala laBafana Bes’thende esiwombeni sokuqala, uKnox Mutizwa washaya amabili kwesesibili.
AweChiefs aqhamuke kuSifiso Hlanti noMduduzi Tshabalala ngokuhlukana kweziwombe.
Lokhu kusho ukuthi Amakhosi azongena kowezinkunzi zaseSoweto ngoMgqibelo, evuza igazi. Ezimnyama zizobe zihambela phezulu ngemuva kokuguqisa iMaritzburg United ngo-2-1 koweligi ngoLwesihlanu.
EzasePhefeni bezibheke ukuqoqa amaphuzu amathathu ngemuva kokubambana ngo-0-0 neTS Galaxy kowokugcina weligi kanti i-Arrows ibisihlulwe kwemibili yeligi ilandelana, idliwa yiTS Galaxy neRoyal AM.
IChiefs ephekwa u-Arthur Zwane, ishise umdlalo uqala yasheshe yalithola igoli ngomzuzu wesishiyagalombili. UHlanti ulibeke enethini ngekhanda kulandela ikhona kaKeagan Dolly.
Laba badlali baphinde baxhumana ngomzuzu ka-16, uHlanti ephasela uDolly phambili. Ukwazile ukuleqisa kunozinti uSiyabonga Mbatha kodwa lashaya ipali.
Amakhosi aqhubekile nokuhlasela, ishodi likaSiyethemba Sithebe ladlula ngaphezu kwepali ngomzuzu ka-19, elika Christian Saile lavinjwa nguMbatha ngoka-32.
Abaqeqeshi be-Arrows, uMabhuti Khenyeza noVusumuzi Vilakazi, kuphoqeleke ukuthi benze ushintsho ngomzuzu ka-34 befaka uSiyabonga Khumalo endaweni kaLungelo Dube obeselimele.
I-Arrows ibisiqalile ukuhlangana ngasekupheleni kwesiwombe sokuqala. UKnox Mutizwa bekufanele ayishayele igoli lokulinganisa ngomzuzu ka-42 kodwa wamosha ibhola elihle ebeligotshwe nguPule Mmodi.
Abafana Bes’thende bagcine belitholile igoli ngaphambi kwekhefu ngemuva komnyakazo oqhamuke ngakwesokunxele. UNduduzo Sibiya uligobele uMutizwa obephambi kwepali, walidlulisela kuMakhubela oshiye unozinti weChiefs uBrandon Peterson, ebamba umoya selisenethini.
Nokho akuthathanga sikhathi ukuthi ezasePhefeni ziphinde zihamba phambili njengoba uTshabalala elibeke phakathi esebhokisini ngomzuzu ka-47 ngemuva kokuliphakelwa ngu-Ashley du Preez.
Umdlalo ubusuvuleke kakhulu esiwombeni sesibili njengoba bobabili onozinti bebematasatasa. UPeterson uvimbe ibhola ebelithunyelwe nguKhumalo ngomzuzu ka-56, uMbatha wavimba elikaSaile ngoka-59.
Kusale kancane ukuthi uTshabalala athole igoli lesibili kulo mdlalo ngemuva kokuthola ibhola ebeliqhamuka kuDolly kodwa kulokhu walibeka eceleni kwepali.
I-Arrows iphinde yabuya ngomzuzu ka-69 ngesikhathi uKhumalo elivezela uMutizwa kwesokudla, ongabuzanga wadedela inguzunga yeshodi edlule ishisa kuPeterson, obesithwe yizitobha zakhe.
Kwenzeke okucishe kufane ngomzuzu ka-78, iChiefs ihluleka ukukhipha ibhola ebeligotshwe nguMakhubela ebhokisini, uMutizwa wadonsa umgundatshani obheke enethini.
Leli goli liwuqedile umfutho weChiefs njengoba ingakwazanga ukubuya emizuzwini yokugcina.
IChiefs isasendaweni yesihlanu ngamaphuzu angu-28 emidlalweni engu-20. I-Arrows ikhuphukele endaweni yesishiyagalombili ngamaphuzu angu-25 emidlalweni engu-21.