UKUXHASWA kweLamontville Golden Arrows yinkaphansi yokugembula i-10bet South Africa, kungenzeka kuvulele namanye amaqembu intuba yokusebenzisana nalezi zinkampani.
Izolo, Abafana Bes’thende bamemezele le nkampani njengabaxhasi bayo eqenjini elikhulu nakweleDStv Diski Challenge (DDC) iminyaka emithathu ezayo.
Kusukela i-Arrows ihlukanise no-MTN ngo-2013, ayikaze iphinde ibe nophawu lwabaxhasi ngaphambili ejezini layo.
Eminyakeni eyisithupha edlule, uJohn Comitis, ongusihlalo weCape Town City uziqhathe nolaka lwePremier Soccer League (PSL) ngesikhathi ememezela inkampani yokugembula, iSportpesa njengabaxhasi.
Nakuba sekungumlando ukuthi uComitis uqhubekile nalaba baxhasi kwaze kwaba kuphela inkontileka nabo kodwa i-PSL yayingeneme ngalobu budlelwano.
Kwavela ukuthi icasulwa wukuthi akazange acele igunya lokwenza lokhu kuyona.
Ngo-2010, abathathi bezinqumo kwiPSL balulekane ngokuthi amaqembu abo, kufanele abagweme abaxhasi bezinkampani zokugembula ngoba lokhu kunobungozi bokuphekwa kwemiphumela.
Ngesikhathi uComitis eziphendulela olakeni lwePSL, wayemi kwelokuthi lesi sivumelwano asizange sibhalwe phansi, wathi lokhu kuvumelana kwenziwa ngomlomo ngakho awukho umthetho wePSL okuvimbayo lokhu yize le nhlangano ikholelwa ekutheni kufanele uthole imvume yayo kuqala.
Ngokuthola kweSolezwe, i-Arrows iyitholile imvume yokusebenza nabakwa-10bet kwiPSL.
UMato Madlala, ongusihlalo we-Arrows aphinde abe ibamba lesikhulu esiphezulu kwiPSL, ubengekho kwethulwa laba baxhasi izolo eMoses Mabhida Stadium.
Imizamo yokumthola ngabaxhasi bakhe abasha ayizange iphumelele kwazise ucingo lwakhe belungabanjwa izolo.
UNick Moyo, oyisikhulu esibhekene nezoxhaso kwa-10bet, uthe bebevele besemkhankasweni wokuthola iqembu lebhola abazozihlanganisa nalo.
“Sithole i-Arrows okusichaze kakhulu ukuthi inomlando omude kunobhutshuzwayo waseNingizimu Afrika. Besifuna indlela esizoxhumana ngayo nabantu baseNingizimu Afrika kwazise sinonyaka sisebenza kuleli zwe. Inkampani yethu iyakhula yize singene emkhakheni ovele unezinkampani eziningi ezinkulu kodwa umshado wethu ne-Arrows siwubone ufanele.
“Kuningi esikuhlelile okuzokwenza abalandeli be-Arrows bakujabulele ukuziveza ukuthi bayingxenye yayo njengemikhankaso eyahlukene kodwa okuningi kuzomenyezelwa ngokuhamba kwesikhathi,” kusho uMoyo owale waphetha ukuveza inani abazoxhasa ngalo leli qembu kule minyaka emithathu ezayo.