SEZIZIHOLA phambili zibekwa izinkunzi zaseSoweto ngamavoti omqhudelwano iCarling Black Label Cup, evulelwe wonke amaqembu.
Lokhu kuhlaluke ngesikhathi kunomcimbi wokuwethula ngokusemthethweni eFNB Stadium, eNasrec, ngoLwesibili.
Lo mcimbi kade uhanjelwe yizikhulu, abadlali nabalandeli bamaqembu angu-16 ePremiership. IBlack Label Cup kade ijwayele ukudlalwa yiKaizer Chiefs ne-Orlando Pirates ngaphambi kokuqala kwesizini.
Kulokhu abalandeli bamaqembu angu-16, banikwe ithuba lokuvotela amaqembu amane azoqhuthana ngoNovemba 12 eFNB Stadium.
Ngokwamavoti aveziwe emcimbini, iChiefs ihlezi phezulu ngawu-85 773, i-Orlando Pirates ilandela ngo-58 945, iMamelodi Sundowns isathole awu-27 553. Endaweni yesine kukhona AmaZulu ngawu-4 992, alandelwe yiRoyal AM ngo-4 288. Abalandeli bavota ngokuthenga iCarling Black Label, bakhiphe ilebuli engaphansi kwesivalo, balandele imiyalelo.
Imenenja yeCarling Black Label, u-Arne Rust, ithe lo mqhudelwano uzonika abalandeli ithuba lokuzakhela injabulo ngosuku lomdlalo.
"Siyazi ukuthi kuneCarling Black Label Cup yangonyaka ozayo. Kodwa sibone kufanele kube khona esikwenzela abalandeli nonyaka. Sifuna abalandeli bethu babe yingxenye nakulokhu.
“Sineminyaka engu-10 siwenza lo mqhudelwano ngamaqembu amabili. Kulokhu siwafake wonke. Ukuvota sekuvele kuvuliwe futhi asengaphezu kuka-200 000 (amavoti). Kuzoba yinjabulo yodwa kubalandeli ngosuku lomdlalo," kusho uRust.
Amaqembu amabili azothola amavoti amaningi azogadulisana ekuseni, alandelwe amabili okugcina. Ngaphandle kwethuba lokuvotela amaqembu amane, abalandeli bazoqoka isikimu esizoqala umdlalo, ukaputeni wosuku nomdlali ovelele. Ukuvotela amaqembu kuzovalwa ngo-Okthoba 2. Amathikithi omdlalo azobiza uR80.
Okhulumela iChiefs, uVina Maphosa, uthe kuyajabulisa ukwengezwa kwamaqembu kwiBlack Label Cup.
"Siyajabula ukubuya kwiCarling Black Label Cup. SiyiKaizer Chiefs siyajabula kakhulu ukuba yingxenye yayo. Ngicabanga ukuthi iChiefs ifakwe noma ingavotelwanga ngoba inabalandeli abaningi. Amavoti akhona kumanje kusengaka-Itumeleng Khune eyedwa," kusho uMaphosa.
UTiyani Mabunda weSundowns uthe: "ICarling Black Label Cup ingenye yezindebe esingenazo ekhabetheni lethu ngoba asikaze sifakwe kuyona. Bekuhlala kuwumjaho wamahhashi amabili. Siyajabula ukunikwa ithuba lokuyidlalela. Ngiyabona kukhona amaqembu asasifuna esitikini. Baningi abanethemba lokuziphindiselela."
Umdlalo wokuqala ungo-8.30 ekuseni, kuzoba ngamaqembu asendaweni yesithathu neyesine ngamavoti. Emdlalweni wesibili kuzodlala amabili avotelwe kakhulu. Emuva kwalokho amaqembu ahluliwe azoshaya amaphenathi ukukhipha elizoqeda endaweni yesithathu. Owamanqamu uzodlala ngo-5 ntambama.