UKUSHAYA ingwijikhwebu kwezikhulu zeManchester United ngokugcina umqeqeqeshi waleli qembu, u-Erik ten Hag, kubukeka kuyinkomba yokuthi kukhulu okulindelwe kulo mqeqeqeshi ngesizini ezayo.
Kuzokhumbuleka ukuthi ngenkathi sekuyosongwa isizini ka-2023/24 ye-English Premier League, bese zivele ziqina izinsolo zokuthi i-United ngeke imgcine u-Ten Hag.
Lezi zinsolo zokuba mfiliba kwekusasa lalo mqeqeshi e-Old Trafford, beziqutshulwa wukuthi abaphathi baleli qembu bebengeneme ngokungenzi kahle kwaleli qembu kule sizini edlule nokugcine kuholele ekutheni lehluleke nokuzibekisela indawo kwi-Uefa Champions League liqeda endaweni yesishiyagalombili kwi-log.
Inkontileka kaTen Hag ebizophela ngo-Agasti 2025, ngokombiko weGivemeSport kuleli sonto, kuvela ukuthi yelulwe ngeminyaka emithathu.
Naphezu kwesizini engabanga yinhle kwiMan United, kodwa leli qembu likwazile ukunika abalandeli balo umthobanhliziyo ngokuguqisa izimbangi nomkhaya iManchester City ngo 2-1 kowamanqamu weFA Cup ngoMeyi 25, eWembley Stadium.
Ukunqoba kwayo i-FA Cup kube sekuyibekisela indawo kwi-Uefa Europa League, nawo okungumqhudelwano ohlonishwayo ebholeni lase-Europe, nakuba ungeze wafika kwiChampions League ngokwezinga nesasasa.
U-Ten Hag welulelwa inkontileka nje, kuvela ukuthi izikhulu zeMan United eziholwa yinkinsela, uSir Jim Ratcliffe okunguyena owathenga leli qembu ngo-2022, bese zike zaxoxisana nabanye abaqeqeshi ababegaqele isikhundla.
Ngokuhlaziya kwentatheli yezemidlalo emnkantshubomvu yeSky Sports News, uKavh Solhekol, uTen Hag ubesevele azi ukuthi kungenzeka agcinwe noma angagcinwa kuleli qembu.
“Izikhulu zeMan United zihlale phansi zabuyekeza indlela iqembu elenze ngayo ngesizini edlule.
UTen Hag unqobe i-FA Cup phezu kokuba ebenganikwe lutho futhi sekuvele kusabalele amahlebezi okuthi uzoxoshwa.
Kunemibiko ethi phakathi kwabaqeqeshi abebebhekwe yizikhulu zeMan United, kubalwa kubona uThomas Tuchel, uMauricio Pochettino noThomas Frank.
Ngokwemibiko yase-UK naseGermany, uSir Jim Ratcliffe uke wahlangana noTuchel eMonaco ngesonto eledlule.
Kuyacaca ukuthi izikhulu ze-United bezibheka ezindaweni ezehlukene, kodwa ekugcineni, zagcina zithathe isinqumo sokumgcina uTen Hag,” kucashunwa uSolhekol kwiSky Sports News.
Ngokusho kukaSolhekol, ukunqoba i-FA Cup nokuzibekisela indawo kwi-Uefa Europa League yikho okwenze izikhulu zeThe Red Devils zashintsha umqondo ngokukhomba indlela uTen Hag.
Nokho, ngokusho kukaSolhekol, lokhu akusho ukuthi usephephile ekuxoshweni, kodwa kusho ukuthi kufanele akhiphe amangwevu kakhudlwana ngesizini ezayo ukukhombisa ukuthi akubanga yiphutha ukugcinwa kwakhe e-Old Trafford.
Lo mqeqeshi odabuka eNertherlands, ujoyine leli qembu ngesizini ka-2022/23. Ngesizini yakhe yokuqala ulinqobele iCarabao Cup, waphinda walisiza ekuqedeni endaweni yesithathu kwi-log yePremier League lazibekisela indawo kwiChampions League.
Njengoba lo mqeqeshi eselulelwe inkontileka, amehlo azothi njo ekutheni yibaphi abadlali abasayinisayo ngewindi lokuhwebelana ngabadlali ukuze leli qembu likwazi ukuyibamba ishisa ngesizini ezayo ka-2024/25 eqala ngo-Agasti. - Olunye ulwazi lucashunwe kwiSky Sports News neGivemeSport.