INEWCASTLE All Stars icebe kwiSouth African Football Association (Safa) unompempe eveze ukuthi wayefuna leli qembu limgwazele, lizodlala neMidlands Wanderers kowe-ABC Motsepe League emasontweni edlule.
UMagasela Mzobe, ongusihlalo weNewcastle, ubalisele Isolezwe ukuthi ngasekuqaleni kwenyanga edlule bezodlala neMidlands bathunyelelwa umyalezo ngunompempe (angafunanga ukuveza igama lakhe) owabatshela ukuthi nguye owayezodlalisa lo mdlalo.
Uthe lo nompempe wafuna imali ethile ukuze bezokwazi ukudlula kulo mdlalo.
UMagasela uqhube wathi bamtshela ukuthi ngeke bamnike leyo mali.
Eqhubeka nokulandisa ngodaba, uthe ngosuku lo mdlalo lo nompempe wagila izimanga ebarobha ingcaca. Kulo mdlalo iMidlands yagcina inqobe ngegoli elilodwa eqandeni.
"Sabona ukuthi uyasijezisa lo nompempe, saphoqeleka ukutshengisa i-match commissioner imiyalezo ayesithumelele yona. Sisalinde ukuzwa ukuthi kuzokwenzekani ngalo nondweba," kubeka uMzobe.
Lesi sikhulu sithe sithanda ukukuveza ukuthi baningi kulesi sigaba onompempe abadlalisa ngokuthembeka. Sithe bayaziwa labo abakhohlakele.
"Ngethemba ukuthi iSafa izowasusa la mazambane abolile afuna ukona iligi yethu. Sisebenzisa imali eshisiwe ukuqhuba le ligi. Ngicela nabo abanikazi bamaqembu basike iphethini kithina. IKwaZulu-Natal ingakwazi ukwenyusela amaqembu ayo esigabeni esingenhla mhlazane kwaqedwa lokhu kugwazelwa konompempe.“
UKwenzokwakhe Ngwenya ongusihlalo weSafa, KwaZulu-Natal, ukuqinisekisile ukuthi iNewcastle yambika enhlanganweni unompempe okusolwa ukuthi wayefuna ukuyigwazisa.
"Udaba lwalo nompempe lusaphenywa. Uma sekuqedwe konke sizomemezela ukuthi isinqumo sizothini,“ kusho uNgwenya.
Uveze nokuthi namuhla ngo-1.30 emini, isigungu sale nhlangano esiqula amacala sizohlalela icala leMidlands esolwa ngokushaya onondweba idlala neFriends.
Umdlalo wagcina ungaphelanga. Elesibili ngeleHappy Wanderers eyahluleka ukuthola inkundla kumele ibhekane neMilford.
Emidlalweni namuhla kwiStream B, ngo-3 ntambama ePrincess Magogo Stadium iNewcastle izobhekana neGWP Friends.
EzikaMzobe zisendaweni yesithupha ngamaphuzu ayisikhombisa, emidlalweni emine. IFriends ikweyesibili ngawu-13, emidlalweni emihlanu.
"Kuzomele siwunqobe lo mdlalo. Inhloso yethu kule sizini ukuya kweyokuhlunga kazwelonke. Okwamanje kubukeka kusahamba njengokufisa kwethu. Kungaba yinjabulo kubantu baseNewcastle uma bengaba neqembu elidlala kwiPSL," kusho uMzobe.
Imidlalo yeKZN ABC Motsepe League:
Kwi-Stream A:
Namuhla-Ngo-12pm: Mkhumbane v Mtuba (SJ Smith).
Namuhla-Ngo-1pm: Breakers v Wanderers (KwaMsane).
Kusasa-Ngo-3pm: Summerfield v Muzi (Chatsworth); Asande v Njampela (Sonkombo); Mkhwakhwini v Milford (Melmoth Rugby).
Kwi-Stream B:
Namuhla-Ngo-12pm: Coastal v Experience (UKZN Howard Gate 10).
Namuhla-Ngo-3pm: Friends v Newcastle ( Princess Magogo); Pioneers v Drakensberg (King Zwelithini).
NgoMgibelo-Ngo-3pm: Midlands v Umvoti (Harry Gwala); Mkhambathi v Msinga (Mpumalanga).