BAYELA ukuyoncela ulwazi kwiMamelodi Sundowns abe-NB La Masia ezokwamukela lezi zinkunzi zase-Afrika, emdlalweni we-Last 32 yeNedbank Cup ngoLwesibili ngo-7 ebusuku eDobsonville Stadium, eSoweto.
Lokhu kushiwo umqeqeshi weLa Masia, uDaine Klate, ozakhele ugazi kubathandi bebhola baseNingizimu Afrika ngokuba omunye wabadlali asebezidle kaningi izicoco ezehlukene zePremier Soccer League (PSL).
UKlate, osengumqeqeshi, ukucacisele abezindaba lokhu izolo ngesikhathi esesithangamini nabo ngaphambi kokubhekana neSundowns osekuphele imidlalo yeNedbank engu-17 ingayazi induku uma ibhekene neqembu elingekho esigabeni esikhulu kusukela ngo-2008.
“Akukho esikuyela kulo mdlalo ngaphandle kokuyoluncela lonke ulwazi esingaluthola kompetha baseNingizimu Afrika kusukela kimina, abadlali kuze kuyofika kubaphathi,” kusho uKlate.
“Okumnandi ngeKe Yona wukuthi ivulela amaqembu afana nelethu ithuba lokusondela eduze kwezikhondlakhondla ezifana neSundowns.
“Kubhekene amaqembu ahlukene kakhulu ngokwezinga ngakho-ke umdlalo omkhulu kwi-La Masia efisa ukufika ezingeni leSundowns ngelinye ilanga.
“Ngalo mdlalo kuningi esingabuya nakho kusukela kubadlali nami ukuzibona izinga esikulona futhi nabaphathi bangafunda okuningi ngokuphathwa kweqembu elidlala esigabeni sonke esiphupha ngokuba ingxenye yaso,” kuqhuba uKlate.
“Siya kulo mdlalo ngenhlonipho kodwa okumqoka wukuthi abadlali bazibone ukuthi bakulungele yini ukudlala kulesi sigaba abafisa ukudlala kusona (isigaba esikhulu),” kusho lo mqeqeshi.
URulani Mokwena, oqeqesha iSundowns uthe: “Siwulungele umdlalo neqembu eliqeqeshwa ngendlela eqondile uDaine (Klate) okufakazelwa ukuthi bakuleli zinga leNedbank.
“Siwuthatha njengeminye imidlalo esike sibhekane nayo futhi sizinike isikhathi esanele ukuzifundisa ngakho konke okuthinta leli qembu elidlala esigabeni esibunjwe amaqembu okunzima ukudlala nawo,” kushaya uMokwena ngamafuphi.
Isiyonke imidlalo ye-last 16 yeNedbank Cup ididiyelwe kanje:
Namuhla
NB La Masia v Mamelodi Sundowns (Dobsonville Stadium, 7pm); SuperSport United v Cape Town City (Lucas Moripe Stadium, 7pm).
Kusasa
Highlands Park v Sekhukhune United (Dobsonville Stadium, 7pm); University of Pretoria v Cape Town Spurs (Tuks Stadium, 7pm).
NgoLwesine
AmaZulu FC v Royal AM (King Zwelithini Stadium, 7pm).
NgoLwesihlanu
Lamontville Golden Arrows v TS Galaxy (Mpumalanga Stadium, 7pm); Stellenbosch FC v Pretoria Callies (Danie Craven Stadium, 7pm).
NgoMgqibelo
Crystal Lake FC v Orlando Pirates (Mbombela Stadium, 3pm); FC Ravens v Spain FC (Princess Magogo Stadium, 3pm); JDR Stars v Hungry Lions (Giant Stadium, 3pm); Platinum City Rovers v Moroka Swallows (Isak Steyl Stadium, 3pm); Richards Bay FC v Polokwane City (King Zwelithini Stadium, 6pm).
NgeSonto
Maritzburg United v Paarl United (Princess Magogo Stadium, 3pm); NC Professionals v Chippa United (Mxolisi Dicksy Jabocs Stadium, 3pm); D’General v Madridtas (Isak Steyl Stadium, 3pm); Kaizer Chiefs v Milford FC (FNB Stadium, 3pm).