UMDLALI wasesiswini waMaZulu, uPule Ekstein, uthi uhlabeke umxhwele ngokubuyela eqenjini elikhulu futhi ukubheke ngabomvu ukuhlangana neqembu lakhe lakudala, iKaizer Chiefs, kusasa.
Usuthu luzobhekana naMakhosi emdlalweni weDStv Premiership ozoqala ngo-7:30 ebusuku, eMoses Mabhida Stadium, eThekwini.
U-Ekstein (32) wayesohlwini lwabadlali AmaZulu ayethe kabekho ezinhlelweni zeqembu kule sizini kodwa wagcina esehlalile.
Ngenxa yalokhu, kwaphoqeleka ukuthi yena noThabo Qalinge owayesesimeni esifanayo, bagcine beziqeqesha neqembu elincane loSuthu ngesikhathi kuqala isizini.
Nokho, babuyele eqenjini elikhulu ngesikhathi sekhefu leNdebe yoMhlaba bebuyiswa umqeqeshi uRomain Folz, othathe indawo kaBrandon Truter ngo-Okthoba, nyakenye.
Bobabili abadlali bathole amathuba abo okuqala okudlala ezingeni eliphezulu kule sizini ngesikhathi bekhekene neRoyal AM koweDStv Premiership ngempelasonto edlule. U-Ekstein uwuqale waze wawuqeda umdlalo, kwathi uQalinge wangena ekuqaleni kwesiwombe sesibili.
“Bekunzima ukudlala ngemuva kwesikhathi eside kangaka, ukuhlala izinyanga eziyisithupha ngingalidlali ibhola kuleli zinga yinto enkulu kodwa bekumele ngizimisele ngiphinde ngizikhandle,” kusho u-Ekstein.
“Ukuziqeqesha neqembu elincane bekungeyona into entsha kimina, sengikujwayele ngoba naseqenjini lami langaphambili kwenzeka into efana nalena.
"Okusemqoka ukuthi uqine ngokomqondo futhi wazi ukuthi uzimisele ngani, ugxile kulokho. Bekumele ngenze isiqiniseko sokuthi angidikibali futhi ngiyaqhubeka nokusebenza kanzima, yingakho ngibuyile. Ngisazoqhubeka nokuzimisela.
"Engingakuthembisa abalandeli ukuthi ngisazosebenza kanzima futhi uma ngesekwa ngozakwethu nomqeqeshi konke kuzohamba kahle. Uma ngenza kahle neqembu lenza kahle sizokwazi ukuzuza izinto ezinkulu.
"Ngijabule ngoba umqeqeshi ungitshelile ukuthi uyanginika ithuba futhi kufanele ngikhombise ukuthi ngiyalazi ibhola. Ngifuna ukumbonga njengoba ekhombise ukungethemba.”
Usuthu lusanqobe umdlalo owodwa kweyisithupha yeligi oluyidlale ngaphansi kukaFolz. Lusahlulwe emdlalweni owodwa, liguqiswa yiThwihli Thwahla ngo-2-0 ngeSonto. Kweminye ludlale ngokulingana.
IziMpofana nazo zizongena emdlalweni wakusasa zibheke ukubuyisa isithunzi ngemuva kokushaywa yiSekhukhune United ngo-1-0 ngempelasonto.
"Ngilindele umdlalo onzima ngenxa yendlela iChiefs ebidlala ngayo. Izozama ukuqinisekisa ukuthi iyawunqoba. Ihluliwe emdlalweni wayo odlule nathi sahlulwa, ngakho-ke womabili amaqembu ayawadinga amaphuzu," kuqhuba u-Ekstein.
“Siyethemba ukuthi sizowathola amaphuzu amathathu. Ngicabanga ukuthi kuzoba umdlalo othokozisayo futhi iqembu elingcono yilona elizonqoba lizowina. Ngiyethemba ukuthi lelo qembu kuzoba yithina.
Usuthu lulele endaweni ka-12 kwi-log ngamaphuzu angu-18 emidlalweni engu-15, Amakhosi azibeke endaweni yesine ngokuqoqa amaphuzu angu-24 emidlalweni engu-15.