UKUGENCWA izembe kweMarumo Gallants kwiDStv Premiership kubehle ngaphezulu abaleli qembu ngokusho komunye wabaqeqeshi balo, uRaymond Mdaka.
UMdaka utshele ithimba labezindaba laleli qembu ukuthi basale beshaqekile ngokushaywa iSwallows FC ngo-2-0 ngoba bebeye kulo mdlalo bazi ukuthi uma bengangenelwa igoli, bazoligcina esigabeni esikhulu iqembu.
Sekuwumlando ukuthi iSwallows, okuyiyona ebibukeka sengathi izogencwa izembe emasontweni ambalwa adlule, izifake kwiTop 8 ngokunqoba ngamagoli amabili, kaLindokuhle Mtshali, awashaye eDobsonville Stadium, ngoMgqibelo.
IGallants yehlela kwiMotsepe Foundation Championship nje, iMaritzburg United, ebambe iMamelodi Sundowns ngesonto eledlule, iyona ezoya kweyokuhlunga ngokuqeda endaweni ka-15. Izobanga ukuba yiqembu lika-16 kwiPremiership neCape Town Spurs neCasric Stars FC abaqede ngokulandelana endaweni yesibili neyesithathu kwiChampionship.
Izisindisile engozini iChippa United ngokubamba iLamontville Golden Arrows ngo-0-0 kobuseNelson Mandela Bay Stadium ngempelasonto.
Yiwona futhi lo mdlalo okhahlelele ngaphandle kweTop 8 i-Arrows okuyiyona okuyiwe emidlalweni yokugcina ihleli kweyesishiyagalombili kwi-log.
IGallants idliwa yizembe nje, ihambe ibanga elide kwiCaf Confederation Cup, iphume kowandulela owamanqamu ngesikhathi iwashiswa ijezi iYoung Africans yaseTanzania.
“Akukho okutheni engingakusho ngaphandle kokuthi siphoxeke kakhulu ngokugencwa izembe ngoba besingakulindele ukulahla amaphuzu, ikakhulukazi kulo mdlalo,” kusho uMdaka.
“Kufanele sikwamukele okusehlele ngokuqonda nokuthi kuyenzeka ebholeni. Ayikho indlela engcono yokuchaza isimo sethu ngaphandle kokuthi sibi kakhulu.
“Ngiyaphinda ngiyasho ukuthi besingakulindele ukushaywa yiSwallows. Besize kulo mdlalo ngomqondo wokudlala ngendlela yethu yasemihleni bese siqinisekisa ukuthi asingenelwa igoli.
“Iqiniso ukuthi bekungafanele sivumele ukungenelwa igoli. Siphoxeke kakhulu kodwa konke kulele ekudlaleni kahle kwethu obekungenazo izithelo ngoba amagoli besingawashayi ngokwanele,” kusho uMdaka.
Yize ekhuluma kanje lo mqeqeshi, uRanga Chivaviro, ushayele iGallants amagoli ayisikhombisa kwiConfed Cup nayishumi kwiligi.
Ngasohlangothini lweChippa, bekuyinjabulo yodwa kumqeqeshi, uLehlohonolo Seema, olethwe sekusele imidlalo embalwa kusongwe isizini.
“Lolu wusuku olukhulu kubona bonke abathintekayo kwiChippa United,” kusho uSeema ethimbeni labezindaba laleli qembu elivike izembe ngokuqeda kunombolo-14 ngamaphuzu awu-30.
“Besazi ukuthi noma ngabe bekwenzekani kwezinye izinkundla, okufanele sikwenze ukugwema ukungenelwa igoli. Besingadlala ngokulingana kodwa bekungafanele sishaywe.
“Ngifike kwiChippa kwangicacela ukuthi bonke abadlali bakhathele ngakho-ke ukugwema eyokuhlunga kungijabulisa kakhulu ngoba angikholwa ukuthi (laba badlali), bebezokwazi ukumelana nohlobo lwale midlalo,” kusho uSeema.