SIZONGCWEKA neqembu le-Orlando Pirates elidlala kwiDStv Diski Challenge (DDC), isikwata esikhethwe koweNkandla Mayoral Cup ebingempelasonto edlule.
Kukhethwe isikwati sabadlali abangu-20. Lokhu kudalulwe nguSanele Cele, exoxa neSolezwe, nguyena oyinhloli ebizobheka ikhono emidlalweni ebisezingeni ephezulu. Ngonyaka odlule isikwati esasikhethwe sathola ithuba lokuzwana amandla nePlatinum City Rovers, egijima kwiMotsepe Foundation Championship.
Iqembu lasayinisa uNkanyiso Ndima ongumgadli. Isikwati sasiqeqeshwa nguCele, sabuye sabhekana neBaroka eyagcina ngokusayinisa uNkululeko Myeza, nokho osedlala kwiFernie Battalion egijima kwiMpumalanga ABC Motsepe League. Kuyo udlala noSibongiseni Dlamini.
Kulesi sikwati kuphinde kwaphuma uFanele Nzuza odlala kwiDlangezwa Hellenic, egijima ngaphansi kweKZN ABC Motsepe. UCele obuye aqeqeshe iVT United yaseGauteng, uthe isikwati seNkandla Mayoral Cup sizophinde sibhekane namaqembu eDDC, eleSuperSport United, neleBaroka.
"Sesiqede konke namaqembu. Sizodlala nawo emidlalweni yokulungiselela isizini ka-2024/25. Nginethemba lokuthi bakhona abadlali abazothathwa ngamaqembu. Ngikusho lokhu ngoba izinga beliphezulu kakhulu koweNkandla Mayoral Cup yalo nyaka. Ngaphambi kokuya kule midlalo yobungani isikwati sizoqale sisihambise kwikhempu esizoqeqeshwa kuyo kuyo abaqeqeshi bezinga eliphezulu," kubeka uCele.
Imeya yaseNkandla, uMbhekiseni Biyela, iveze ukuthi bazozikhokhela izindleko zabadlali abayodlala nala maqembu.
"Umasipala wethu uzokwenza isiqiniseko sokuthi isikwati esikhethwe koweNkandla Mayoral Cup siyabuyela nakulo nyaka ukuyodlala namaqembu ePSL. Inhloso yethu ukususa izingane zethu emgwaqweni. Sifuna zizibandakanye nezemidlalo eseziwumsebenzi. Kuyajabulisa ukuthi le midlalo seyikwazile ukukhiqiza abadlali asebedlala kwiPSL. Ngelinye ilanga izokhiqiza abazodlala kwiKaizer Chiefs, Orlando Pirates, AmaZulu namanye amaqembu amakhulu," kubeka iMeya uBiyela.
Emqhudelwaneni weNkandla Mayoral Cup, umhlanganiso udliwe yiPower United egoduke no-R15 000. Isibili kube yiManchester ethole u-R10 000, isithathu kwaba iStriker egoduke no-R7 500. Kwi-netball kunqobe iDiamands eklonyeliswe ngo-R10 000.