BAZOQEDA isizini sebejika nelanga emakhaya abadlali baMaZulu FC abayalekwe ukuthi bangabe besazihlanganisa neqembu.
USuthu lusanda kuvuselela inkontileka yomqeqeshi uRomain “Fohloza” Folz, onikezwe iminyaka emithathu phezu kokuphikwa yimiphumela emihle.
Isolezwe lithole ukuthi uFolz usewaqalile amalungiselelo esizini ezayo, okubalwa kuwona ukuhlunga abadlali akholwa wukuthi ngeke ebadinge.
Leli phephandaba lithole ukuthi abadlali abathathu, okunguRamahlwe Mphahlele, Lehlohonolo Majoro noKeagan Buchanan bayalelwe ngabaphathi boSuthu ukuthi bangabe besalubhada ejimini, kuze kuphele isizini kodwa iqembu lizoqhubeka nokubaholela behlezi emakhaya kulezi izinyanga ezisele.
Izinkontileka zabo ziyaphela ngoJuni futhi ngeke zisavuselelwa.
Umengameli waMaZulu, uSandile Zungu, uthe ukumiswa kwalaba badlali kuyingxenye yokwakhela isizini ezayo.
"Kuyiqiniso ukuthi labo badlali kabekho ezinhlelweni zangesizini ezayo zeqembu. Sicabange ukuthi sibayalele bahlale emakhaya. Basengabadlali bethu kuze kuphele isizini. Kodwa sinqume ukuthi bayoyiqedela emakhaya isizini," kusho uZungu ekuqinisekisa nokuthi abadlali bazoyithola imiholo yabo.
UMphahlele, oyibamba maphakathi emuva, ujoyine Usuthu ekuqaleni kwesizini emuva kokuthi inkontileka yakhe ingavuselelwanga yiKaizer Chiefs.
Usenemidlalo engu-22 uma sekubalwa ayidlale kuyona yonke imiqhudelwano, washaya inethi kanye. UMajoro, obesedlalela Usuthu okwesibili, ukhuze ibuya ngesizini ka-2019/2020, emuva kokudayiswa kweBidvest Wits.
Emidlalweni eyishumi yeligi akashayanga nelokubika igoli. Elilodwa alishayile kule sizini ulibeke enethini emdlalweni weMTN 8 behlula iCape Town City ngo-Agasti.
UBuchanan usayine kuMaZulu ngesizini ka-2021/2022 engenalo iqembu, ekade echithwe yiMaritzburg United. Udlale imidlalo engu-19 kuMaZulu kule sizini.
Laba badlali bashiya iqembu endaweni ka-10 kwi-log yeDStv Premiership linamaphuzu angu-28 emuva kwemidlalo engu-23.
"Sinabadlali abaningi abasebancane esifuna ukubanika ithuba kule midlalo eyisikhombisa esisalele. Abanye balaba badlali basuka eqenjini leDiski Challenge. Sifuna ukubabona ngaphambi kokuqala kwesizini entsha," kusho uZungu.
UZungu ugcizelela ukuthi usazobambelela kuFolz ngoba kukhona akubona kuyena futhi uzoba yingxenye yekusasa loSuthu.
Uveze nokuthi umdlali waseZimbabwe, uButholezwe Ncube, akasekho kuleli qembu. Uthe banqume ukumdedela emuva kokungaphumeleli kwemizamo yokumbhalisa ukuba wumdlali waseMzansi.