KUFANA nokuthi kuzobe kubhekene inkukhu nempaka phakathi komqeqeshi weMamelodi Sundowns, uRhulani Mokwena, nozakwabo kwiTS Galaxy, uSead Ramovic njengoba la maqembu azotholana phezulu koweDStv Premiership ngoLwesithathu.
Lo mdlalo weligi uzofika ngesikhathi imimoya iphezulu kulaba baqeqeshi okubanakale emasontweni edlule, okucace ezithangamini nabezindaba uma kuphathwa igama lomunye.
Umdlalo uzoqala ngo-7.30 ebusuku, eMbombela Stadium, eNelspruit.
Lo mdlalo ubhekwe ngabomvu kusukela laba baqeqeshi beqale ukujikijelana ngamazwi alumelayo kwabezindaba.
Kujwayelekile ukuthi kube nezigemegeme uma kuhlangene la maqembu kodwa kulokhu amehlo azobe engagxilile kokuzobe kwenzeka enkundleni kuphela kepha emabhentshini womabili.
Uthuli lwezichwe lususwe uRamovic ngokuzwakalisa ukungenami kwakhe ngenkulumo kaMokwena kulandela ukuthi amaRockets ekhiphe iSundowns kwiCarling Knockout Cup nyakenye.
Lowo mdlalo waphela imimoya isiphezulu kwazise kukuwona lapho kwalimala kabi khona, umgadli weGalaxy, uBernard Parker, owadlaliswa kabi uBongani Zungu weSundowns.
Kuwona lo mdlalo, iSundowns yayidlala ngaphandle kwezithenjwa zayo ezazingaphandle kwakuleli neBafana Bafana. UMokwena wabeka lokhu njengesinye sezizathu esiholela ekutheni bakhishwe ekuseni kwiCarling KO. URamovic wathi akufanele uMokwena avike ngalokho ngoba iSundowns ishaya ngokhilumu babadlali kuyo yonke indawo.
Kamuva uMokwena kwesakhe isithangami nabezindaba, uveze ukuthi usembekile endaweni yakhe uRamovic enkulumweni ababenayo naye ngocingo ngoba yena uyayiqonda enye indoda.
URamovic eseziphendulela, uyichaze ngendlela ehlukile indlela laba baqeqeshi abakhulume ngayo ocingweni.
Lo mqeqeshi waseSerbia utshele abezindaba ngaphambi kokubhekana neLamontville Golden Arrows kwiNedbank Cup ngeledlule ukuthi bekungeyona ingxoxo ocingweni kepha uMokwena ubemthethisa, emsabisa waze wamethuka nangenhlamba.
Konke lokhu kuyizinongo zalo mdlalo okungangatshazwa ukuthi womabili la maqembu ayawadinga amaphuzu ngezizathu ezahlukene kuwona.
“Anginankinga ngokumxhawula uRamovic kodwa konke kulele ekutheni uyathanda yini yena,” kusho uMokwena esithangamini nabezindaba kulandela oweCaf Champions League ne-TP Mazembe ngempelasonto edlule.
URamovic ekhuluma ngemuva komdlalo wezakhe wangempelasonto edlule, uyigwemile imibuzo ebithinta ukubhekana kwakhe noMokwena.
“Isikhulunywe kakhulu leyo ndaba. Okusemqoka emqondweni wami manje ukuqinisekisa ukuthi siyihlelela ngendlela efanele iSundowns,” kusho uRamovic kulandela induku ka 2-0 abayithole eqenjini elisemsileni iCape Town Spurs ngeSonto, eKapa. Isitobha seSundowns, uMusa Lebusa, sithe akufihliwe ukuthi lona umdlalo wamagqubu.
“Ngilindele umdlalo oshisayo. Ngesikhathi sigcina ukudlala nabo basikhipha emqhudelwaneni weCarling. Kwakungemnandi. Siyiqembu elithanda ukufinyelela kowamanqamu kuyona yonke imiqhudelwano esibamba iqhaza kuyona,” kusho uLebusa.
“Kufanele sizinikele ngakho konke ngoba lo wumdlalo weligi. Sifuna ukusheshe senze isiqiniseko sokuthi isicoco seligi siyasithatha kodwa ngilindele umdlalo onzima kakhulu.
Imidlalo yakuleli sonto yeDStv Premiership:
Namuhla - Ngo-7.30pm: Orlando Pirates v Cape Town Spurs (Orlando Stadium); Chippa United v Richards Bay (Nelson Mandela Bay Stadium); Sekhukhune United v Royal AM (Peter Mokaba Stadium); TS Galaxy v Mamelodi Sundowns (Mbombela Stadium).