TS Galaxy (0) 1
Kaizer Chiefs (0) 0
I-TS Galaxy iqhubekile nokuba iphela endlebeni kwiKaizer Chiefs iyishaya ngo 1-0 emdlalweni weDStv Premiership ngeSonto ntambama, eMbombela Stadium, eMpumalanga.
IThe Rockets iwele ngegoli elibe umkhonto ogwaze ekhaya kunozinti weChiefs, uBrandon Petersen.
Ngemuva komdlalo kudingeke ukuthi kuqiniswe ezokuphepha ukuze umqeqeshi, uMolefi Ntseki, aphume enkundleni njengoba bekunabalandeli abebejikijela izinto bebhekise emuhhumeni okuphunywa kuwona enkundleni. Bese kunamaphoyisa lawa aphatha okusahawu kokuvika uma ushaywa.
UPetersen udidiswe ibhola ebelishywe uHigor Vidal weGalaxy ngomzuzu wesi-50. Kuzokhumbuleka ukuthi nasemdlalweni wesibili weDStv Premiership, AmaKhosi ashaywe kuwo iMamelodi Sundowns ngo 2-1, kukhalwe ngaye uPetersen ngokwenza amaphutha.
Umphumela woweGalaxy usho ukuthi selokhu kuqale isizini, iChiefs ayikanqobi nowodwa weligi. Kowokuqala ibambane neChippa United ngo 0-0.
Isanqobe owe-quarterfinal yeMTN8, ishaya iCape Town City ngo 2-1.
Selokhu iThe Rockets yanyuselwa esigabeni esikhulu isibhekane kayisishiyagalolunye naMakhosi. Lona bekuwumdlalo wesithathu iwunqoba.
Yaqala ukufana nenunu engafi kwabeChiefs ngesikhathi iyiqumba phansi kowamanqamu eNedbank Cup ngo-2019, isagijima esigabeni esingaphansi, iMotsepe Foundation Championship.
IChiefs isanqobe owodwa idlala nezikaTim Sukazi. Kwemihlanu la maqembu adlale ngokulingana.
IGalaxy ecijwa uSead Ramovic, isiqoqe amaphuzu ayisikhombisa, inqobe kabili, yadlala owodwa ngokulingana. Inyukele endaweni yesithathu kwi-log ngesikhathi ezikaNtseki zibambe unombolo-13 ngephuzu elilodwa.
Nakuba esiwombeni sokuqala ebengekho amathuba abebabazeka kodwa womabili amaqembu awatholile.
YiChiefs okungenani obekumele iye ekhefini ihamba phambili. Ngomzuzu weshumi umgadli wayo, uRanga Chivaviro ogcine engawuqedanga umdlalo ngenxa yokulimala, uyeke uqekelele webhola ebeligotshwe uReeve Frosler.
Elinye leChiefs elibe ingozi ngeliyekwe uChistain Saile obengene esikhundleni sikaChivivaro. Okuqaphelekile ukuthi ezikaNtseki bezifuna ukungena maphakathi nenkundla noma isidingo singekho.
Esiwombeni sesibili, iGalaxy beyibonakala ukuthi kayiyesabi nakancane iChiefs. UKamogelo Sebelebele ubese emi ngezinyawo kulesi siwombe. UPetersen usebenze kanzima evimba amabhola abesho ukuwabeka enethini.
Nakuba iGalaxy inqobile kodwa beyinethuba lokudlula ngembudlu yamagoli. Beyingashaya noma amahlanu.
NgoMgqibelo, iChiefs izobhekana nelinye iqembu elingakanqobi, AmaZulu, eMoses Mabhida Stadium.
NgeSonto, ezikaRamovic zizobhekana neRoyal AM, eHarry Gwala Stadium.