ISINONGO sokugcina ebhodweni eliphekwa, uClinton Larsen, kwiMagesi FC kusukela kuqale isizini, ukuqinisekisa ukuthi leli qembu laseLimpopo alihlulwa kule midlalo yalo eyisithupha elisalele kwiMotsepe Foundation Championship.
Lokhu kushiwo uyena lo mqeqeshi kulandela ukubambana kwezakhe ngo 2-2 neHungry Lions maphakathi nesonto.
Nakuba lo mphumela ubukeka umubi kodwa uLarsen akanankinga nawo ngoba iMagesi ayizange ihlulwe.
Ngokusho kwalo mqeqeshi ogqame kwiDStv Premiership kwiBloemfontein Celtic (engasekho), Chippa United nakwiLamontville Golden Arrows, imiphumela engalindelekile isazoqhubeka kuwona wonke amaqembu alwela okuthile kule sizini okuhlanganisa neMagesi.
Ukhuluma kanjena nje, i-University of Pretoria okuyiyona esemhlane weMagesi ikhale ngaphansi ngo 2-0 kwiMaritzburg United kowayo waphakathi nesonto.
“Okwenzekile kusazoqhubeka futhi okuningi kuzocaca ngempelasonto sesibhekene namaTuks enkundleni yawo,” kusho uLarsen.
Namuhla ngo-3pm, eTuks Stadium, iMagesi enamaphuzu angu-46 emidlalweni engu-24 izovakashela amaTuks anawu-44 emuva kwesibalo semidlalo esifanayo.
“Umdlalo wethu namaTuks uzocacisa okuningi ngoba uma sibashayile ngeke besasifica kodwa futhi uma besishaya kuyobe kusho ukuthi umjaho usaqhubeka.
“Ukhiye ulele ekutheni singabe sisahlulwa emidlalweni esisalele ukuze siwubone umvuzo wokupheka kwethu isizini yonke.
“Konke kulele kubona (amaTuks) njengeqembu lasekhaya kodwa engikwaziyo ukuthi uma sizoqhubeka nokudlala ngendlela esidlale ngayo sibambana neHungry Lions nakanjani singabashayela esibayeni sabo,” kuphetha uLarsen.
Ukaputeni wamaTuks, uSamuel Julies, ubona kuwukuzinqobela bona kwiMagesi osekungabasiza kulandela ukulahla kwabo amaphuzu.
“Ukuze singazitholi sesimincela ukuthi iMagesi ishaywe emidlalweni esazoyidlala, kusemqoka ukuthi sizibambele thina siyigudluze esicongweni ngoba ithina futhi esidedele iMaritzburg,” kusho uJullies.
“Siyazi kuzoba umdlalo onzima kodwa sizolwa ngayo yonke indlela ukuthi siwunqobe. Ufike kahle lo mdlalo sisathuswe umphumela wamaphakathi nesonto.
“Ukushaywa kusivuse emaqandeni kangangokuthi besikudinga lokho ngaphambi kwalo mdlalo. Iqiniso limile ukuthi uma sibadedela bayahamba ingakho kufanele senze konke okusemandleni ukuthi sizibambela thina,” kusho uJulies.