USALE ushaqekile umndeni wobengukaputeni waphambilini weRichards Bay FC, uSiphamandla “S’pepe” Mtolo, odlule emhlabeni ngokuzuma izolo ekuseni kulandela ukuwa kwakhe ejimini.
Lezi zindaba eziwushiye uphithene amakhanda umkhakha kanobhutshuzwayo waseNingizimu Afrika ziqinisekiswe kwiSolezwe, umalume walo mdlali, uJacob Mtolo.
Amehlebezi okuthi uMtolo, obengukaputeni weRichards Bay ngesikhathi ikhushulelwa esigabeni esikhulu ngesizini edlule, uwe ejimini iqembu liziqeqesha okokuqala kusukela likhale ngaphansi ngo 1-0 kwiKaizer Chiefs ngoMgqibelo, aqale ukusabalala ekuseni kodwa yonke imizamo yokuthola iRichards Bay ibingaphumeleli.
Kuthintwa inombolo yalo mdlali, ucingo lubanjwe umalume wakhe okunguyena oqinisekise lezi zindaba kuleli phephandaba.
“Kuliqiniso ukuthi akasekho emhlabeni umfana wami,” uphendule kanje uJacob Mtolo.
“Okwamanje sisazi ukuthi uwile ekuseni beziqeqesha kodwa okuningi ima sisazokuzwa kahle ngokuhamba kwesikhathi. Sishaqekile siwundeni ngoba lokhu okwenzekile kusizumile sonke,” kuqhuba umalume kaMtolo.
UMtolo (29) waseShakaskraal, eStanger, uwudlale wonke owabo neChiefs ngempelasonto eKing Zwelithini Stadium, eMlaza.
Ngaphandle kokulimala isikhathi eside okumphuthisele ngemidlalo eminingi kule sizini, uMtolo ubengomunye wabadlali beRichards Bay ababizwa kuqala uma kusethwa isikimu.
Lokhu kufakazelwa ukuthi kusukela ebuyile ekulimaleni ngomdlalo weSwallows FC, obunguDisemba 31 nyakenye, lesi sikhishikhwishi bese siyidlale yonke elandele leyo kwiligi nakwiNedbank Cup.
UMtolo ofike kwiNatal Rich Boys ngo-2020 esuka ku-Thongathi FC, uhamba emhlabeni nje, ubesedlale kweyisishiyagalombili yeligi kule sizini.
Ngokuhamba kosuku khona izolo, iRichards Bay ikhiphe isitatimende iqinisekisa lezi zindaba ezingehli kahle.
Nakulesi sitatimende ibingekho imininingwane etheni ngokwenzekile ngaphandle kokuqinisekisa nokuthumela amazwi enduduzo emndenini kaMtolo nakubangani.
“Kuyizindaba ezibuhlungu ukunazisa ngokudlula emhlabeni komdlali wethu wasesiswini ngokuzuma uSiphamandla ”S’pepe“ Mtolo. Uquleke ejimini ngesikhathi siziqeqesha. Iqembu alikwazi ukukhipha eminye imininingwane okwamanje futhi sicela ukuthi umndeni unikezwe isikhathi,” kusho isitatimende seqembu.
NePremier Soccer League (PSL), ikhiphe esayo isitatimende ibhonga emswaneni ngokushona kwalo mdlali yaqinisekisa ukuthi uzohlonishwa ngokuthi kube nomzuzu wokugebisa amakhandla ngaphambi kokuthi kuqale imidlalo.
UMtolo obengasenabo abazali , ushiye emhlabeni izingane ezimbili (indodana nendodakazi), ilowo abethandana naye, umfowabo kayise nomalume wakhe.