NAKUBA iStellenbosch FC ikuqonda kahle ukuthi kuzoba umqansa kodwa inesifiso sokudla isicoco seNedbank Cup ngenhloso yokuhlonipha, u-Oshwin “Ossie” Andries, oshonele esibhedlela kulandela ukugwazwa ngakubo eKapa, ngoFebhuwari 4.
Lokhu kuvezwe umqeqeshi weStellies, uSteve Barker, esithangamini nabezindaba ngoLwesithathu, lapho ebezokwenaba ngamalungiselelo okwamukela iMamelodi Sundowns kwi-quarterfinal yeNedbank ngoMgqibelo ngo-6 ntambama, e-Athlone Stadium, eKapa.
Lo mqeqshi akangabazi ukuthi iSundowns esivele ingompetha beligi futhi kuyiyona evikela isicoco seNedbank, izofika eKapa ivutha ngenxa yemiphumela yakamuva.
ISundowns isidlale ngokulingana kwemithathu yeligi edlule.
Lokhu akumenzi abe netwetwe uBarker. Uthe okuphafakela umfutho kakhulu wukuthi banesifiso sokuhlonipha u-Andries (19) ngesicoco seNedbank kodwa okunye okubafaka umfutho ukuthi lo mdlalo use-Athlone.
“Kwesinye isikhathi izinto zisuke zidaliwe ngakho-ke kufanele samukele ukuthi lo mdlalo siyowudlalela enkundleni yokuqala esingene kuyona kusukela kufihlwe u-Ossie (Andries),” kusho uBarker.
Ubebuzwa ukuthi uzizwa kanjani njengoba umdlalo ususiwe eDanie Craven Stadium (ngenxa yemidlalo yombhoxo).
“Engikukhumbula ngenkundla esibuyela kuyona ukuthi siwine ngo-3-0 ovuthayo izinhliziyo zethu zisezinhlungwini kwiSwallows FC. Bekungokokuqala sidlala kusukela kushone omunye wabadlali bethu abebekhombisa izimpawu zokuqhakaza kwekusasa leqembu lethu. Okwenzeka ngosuku lweSwallows ngingakujabulela uma kwenzeka futhi ngoMgqibelo.
“Siyaqonda ukuthi sibhekene neqembu elinzima ngayo yonke indlela futhi elizofika livutha kwazise imiphumela yakamuva ayijwayelekile kodwa lokhu kusinika ithuba lokudlala ngendlela esifisa ngayo ngaphandle kwengcindezi.
“Okufanele sikwenze ukudlala ngokukhululeka. Yebo, kusemqoka ukuzibamba ziqine njengoba sibhekene nelinye lamaqembu asatshwayo e-Afrika kodwa kufanele sikhumbule ukuthi okwethu ukuzama ngayo yonke indlela ukuwinela umdlali wethu ongasekho le nkomishi,” kusho uBarker.
Ukubamba iSundowns ngo-1-1 muva nje kumqinisa idolo lo mqeqeshi oyinenebule ngo-3-0 ngesizini edlule (nakhona ibisivele isidlile isicoco seligi).
“Ngiya kulo mdlalo ngokuzethemba futhi siyicubungule kahle iSundowns kangangokuthi sesinawo nomqondo wokuthi lo mdlalo uzohamba kanjani,” kuphetha uBarker.