AKAWUVALI umlomo omunye wabaqeqeshi beRichards Bay FC, uPitso Dladla, ngezinguquko ezenziwa nguNkanyiso “Pelembe” Zungu. Lokhu ukusho ngenxa yamatwayitwayi abephazamisa umdlali ngaphambi kokujoyina iNatal Rich Boys.
UZungu oyibamba esiswini maphakathi nenkundla, bekubatshazwa ithalente lakhe ngesikhathi efika esigabeni esikhokhelayo emasizinini edlule. Kanti ufike kwiBay esuka kwi-Orlando Pirates, lapho abekade ethenjwa ngokuthi angaba wukhiye wokuthi iqembu lidlondlobale.
Kusukela efike kwiPirates ngoJanuwari ka-2020, esuka kwiStellenbosch FC, uZungu ubonakale kancane enkundleni kodwa igama lakhe ligcwele emaphephandabeni nasezinkundleni zokuxhumana ngezindaba ezimbi.
UZungu (26), ukhombise ukugqama ngesikhathi edlalale AmaZulu FC kodwa amdedela ngoba nalapho bekunamahlebezi abemlandela okuziphathisa okukajosaka.
Naqenjini iJomo Cosmos lapho edlulela khona esuka Osuthwini, zibhimbile izinto ngenxa yazo belu izindaba zangaphandle kwenkundla, ebezigcina zimphazamisa ngaphakathi kwayo.
Emdlalweni wokuvala unyaka ngempelasonto edlule, obekungowokuqala kwiBay ngemuva kwekhefu ebelidalwe yiNdebe yoMhlaba ebiseQatar, uZungu udlale imizuzu engu-60 yokuqala ngesikhathi iNatal Rich Boys inqoba ngo 1-0 kwiSwallows FC, eKing Zwelithini Stadium, eMlaza.
Ebuzwa ngezizathu zokuqalisa umdlalo ngoZungu, into ebingajwayelekile ngaphambi kwekhefu, uDladla uthe, indlela aseziphethe ngayo umdlali yiyona ephoqe ithimba labaqeqeshi ukuthi limbophele.
“Yize ngingeke ngingene emininingwaneni kodwa kuningi okushintshile ngoZungu kusukela efikile kithina,” kusho uDladla kwabezindaba.
“Ngesikhathi sivala ngaphambi kweNdebe yoMhlaba silalele izifungo nezethembiso zabo bonke abadlali ngendlela abebezoziphatha ngayo (ngesikhathi kunekhefu).
“Kubona bonke abadlali abasemabhukwini eBay, nguZungu obuye esehlise isisindo somzimba ukubedlula bonke ngakho-ke lokho kukodwa kuyazikhulumela. Sidlale emine yobungani ukuzilungiselela ukubuyela kweyeligi. Kuyona yonke leyo midlalo uZungu ubegqame ngejesibani.
“Ukuphendula umbuzo wenu, uZungu akazange afakwe yithina esikimini emdlalweni weSwallows kepha uzifake yena,” kusho umqeqeshi futhi kusobala nokuthi iyamchaza indaba kaZungu yokushintsha impilo yakhe.
Ngaphandle kokumataniswa nophuzo oludakayo esekuMaZulu nakwiCosmos, uZungu uke waboshelwa icala lokushaya esekwiPirates. Konke lokhu sekuwumlando ngokusho kukaDladla.