SEBEQALILE ukuzilolonga namaqembu abo abagadlali beBafana Bafana, uPercy Tau noBongokuhle Hlongwane, ngemuva kokuphuthwa yimidlalo ngenxa yokulimala.
UTau ugcine ukudlalela iqembu lakhe, i-Al Ahly yase-Egypt, ngo-Agasti 10, ngaphambi kokuthi kuvele imibiko yokuthi uthinteke eqolo.
Lokhu kuholele ekutheni kube nenzwabethi yokuthi iqembu lizomdedela kodwa akwangenzeka, uTau wafakwa ezikwatini ezizodlala kwi-Egyptian Premier League neCaf Champions League.
Ngokusho kweRed Devils, useqalile ukuzilolonga kanti usezobhekana nokulwela indawo yakhe eqenjini ngokuzibonakalisa kumqeqeshi omusha uMarcel Koller, othathe izintambo kuRicardo Soares.
“Umdlali waseNingizimu Afrika, uPercy Tau, useqalile ukuzilolonga neqembu kancane, kancane ngokohlelo alunikwe ngodokotela ukuze aziqeqeshe ngokugcwele ezinsukwini ezizayo,” sifundeka kanje isitatimende esikwi-website yeqembu.
Khonamanjalo, uHlongwane useqalile ukujima neqembu lakhe iMinnesota United, yase-United States of America, njengoba esebheke ukubuyela enkundleni ngemuva kokulimala edolweni ngenyanga edlule.
Lo mdlali obegijima kwiMaritzburg United, wagcina ukudlala kwiLoons ngoSepthemba 3 ngaphambi kokulimala ezilolonga.
IMinnesota ikwazile ukungena kweyokuhlunga kwiMajor Soccer League (MLS) ngokushaya iVancouver Whitecaps ngo 2-0 ngeSonto, ukuze iqede endaweni yesithupha kwi-log yeWestern Conference.
Umqeqeshi u-Adrian Heath, unethemba lokuthi ngoLwesibili uzobe esekulungele ukuba yingxenye yeqembu uma sebebhekene neFC Dallas emzuliswaneni wokuqala wamaMLS Playoffs.
"UBongi (Hlongwane) usehlale inyanga engadlali kodwa ubengumdlali omqoka kithina ngaphambi kwalokho. Ukulinyalwelwa yizethenjwa zethu kusiphazamisile kodwa abanye abadlali bawakhuphulile amasokisi," kusho uHeath.
"Uselinyusile izinga ejimini kuleli sonto futhi usegijima ngesivinini esiphezulu manje. Useyakwazi nokujika angezwa zinhlungu.
"Sizomqapha ezinsukwini ezimbalwa ezizayo sibone ukuthi lokho kuzomshiya kuphi. Bengingacabangi ukuthi uzophinde adlale kulo nyaka kodwa manje usenalo ithuba.”
Ukubuya kwabadlali kumele kube yizindaba ezimnandi kumqeqeshi weBafana Bafana, uHugo Broos, osebenzise uZakhele Lepasa phambili ngesikhathi bedlala owobungani neSierra Leone ngenyanga edlule, noKhanyisa Mayo wahlasela yedwa bebhekene neBotswana.
IBafana izobhekana neLiberia kabili kweyokuhlungela i-Africa Cup of Nations ngoMashi wonyaka ozayo.