BAKHWELE badilika kwiRoyal AM ezinkundleni zokuxhumana ngesikhathi imemezela ukubuya komqeqeshi, uJohn Maduka, okusale ukudideka kuye eshiya iqembu kungazelelwe nyakenye.
Izindaba zokukhuza ibuya kwalo mqeqeshi waseMalawi kwezikaShauwn "MaMkhize" Mkhize ziqale ukusolakala ekuqaleni kwesonto. Ngempela bakuqinisekisa lokhu izolo kwiTwitter.
Kufakwe izithombe zakhe zihambisana nombhalo othi:
“Siyakwemukela futhi mqeqeshi".
Omunye wabadlali oxoxe neSolezwe uxoxele leli phepha ngenhlokomo yokubuya kukaMaduka.
“NgoLwesine ekuseni kufike uMaMkhize wasitshela ukuthi kuzofika umqeqeshi omusha. Sibone sekuma imoto okuphume kuyo uMaduka. Kuqhume amakhwela, abadlali bejabula, bemamukela.
“Ube eseza kithi wathi kuyamjabulisa ukushaya ibuya. Akajimisanga izolo ekuseni, bekujimisa uNteo yedwa. UMaduka ufike yedwa, sethemba ukuthi kuzoba nguNteo iphini lakhe.”
Ededelwa ngonyaka owedlule uMaduka, kuvele ukuthi ubengekho uMaMkhize, izintambo zokuphathwa kweqembu zibanjiswe uSinky Mnisi, osanda kufaka incwadi yokwesula ngokusemthethweni.
Emuva kokuxoshwa kwiRoyal, uMaduka uthushuke kwiMaritzburg United kodwa azangamvuma izinto nokuholele ekutheni angahlali kwelaseMphithi.
IThwihli Thwahla ibe seyiqasha uDan "Dance" Malesela naye ongahlalanga.
Izintambo zibe sezinikwa u-Abram Nteo okuthiwe uzoba namandla alinganayo noKhabo Zondo.
NakuZondo akucaci ngekusasa lakhe njengoba igama lakhe lingasabonakali ohlwini lwabaqeqeshi beqembu elikhulu.
Ngemuva kokumenyezelwa kokubuya kukaMaduka, babodwa ezinkundleni zokuxhumana abebebuza ukuthi kwasekuqaleni iRoyal AM ibimxoshelani.
“Kuzomele nibuyele eBloemfontein ngoba kuyacaca ukuthi iTheku alinisebenzeli. Kumele nishintshe negama libuyele kwiBloemfontein Celtic. Besingekho isidingo sokuhambisa iqembu eChatsworth,” kubhala omunye umlandeli.
“Ave nibaxhaphaza abaqeqeshi baphathi bebhola baseNingizimu Afrika,” kugadla omunye.
Kanti abanye bahleke iThwihli Thwahla ngokubuyisa uMaduka ngemuva kokushaywa yiKaizer Chiefs ngeledlule.
I-AM kaMaduka ibizibhaxabulela kwiChiefs.
Nokho likhona idlanzana elincome uMaMkhize ngokubuyisa lo mqeqeshi.
Umlando ukhomba ukuthi iningi lamaqembu apheka ethulula awahlali kwiPremiership.
Lokhu kubonakela emaqenjini aseLimpopo kanjalo neChippa United yase-Eastern Cape ngokunjalo neMoroka Swallows ngesikhathi sikaLeon Prince.
Kube nzima ukuthola iRoyal AM ukuba iziphendulele, ikakhulu egameni lokuxhaphaza abaqeqeshi nokuziqhatha nezembe.
Esikhathini esingengakanani iThwihli Thwahla isishintshe abaqeqeshi abane. Njengamanje isendaweni ka-12 ngamaphuzu angu-23, emidlalweni engu-18.
Kusasa izodlala nomkhaya bayo, iLamontville Golden Arrows, ngo-3.30 ntambama ePrincess Magogo Stadium, KwaMashu.