Sekhukhune United (0) 0
Golden Arrows (1) 1
ILAMONTVILLE Golden Arrows ibuyele endaweni yesibili kwi-log yeDStv Premiership ngesikhathi inqoba kwiSekhukhune United ngoLwesine ebusuku ePeter Mokaba Stadium.
Ibambe le ndawo ngamaphuzu angu-17 emidlalweni eyisishiyagalombili. IMamelodi Sundowns iyona esazihola phambili ngawu-24.
Kube uBrendon Theron ovule inkundla ngegoli alishaye esiwombeni sokuqala okugcine kube yilona lodwa emdlalweni.
Ize yaphela imizuzu yokuqala engu-20 kungacaci ukuthi yiliphi iqembu elikhombisa ukuthi lizeleni emdlalweni yize iSekhukhune bekuyiyona ephethe ibhola.
Obekucacile ukuthi i-Arrows ayinankinga nokuhlala emuva bese ilinda ukuqhamuka kwamathuba okubamba iqembu lasekhaya ngejubane.
Ngesikhathi kubukeka sengathi iSekhukhune isiqala ukungena ngamandla, i-Arrows iphume ngalo belu ijubane ibhola lagcina lifike kuRyan Moon, ophakele kamnandi uTheron oshaye inguzunga yeshodi ngomzuzu ka-30 lakhala enethini.
Kudlule imizuzu embalwa u-Angelo van Rooi wayeka elinye ithuba elihle lokubeka i-Arrows ebuhleni ngegoli lesibili kodwa waliqondisa kunozinti weSekhukhune, uRenaldo Leaner.
Kucace siqala isiwombe sesibili ukuthi iSekhukhune izowakhuphula amasokisi, nangempela bekuyiyona ekhombisa izimpawu zobungozi ezintini zika-Ismail Watenga, obevimbele i-Arrows.
Okunye obekungazibeki kwiSekhukhune esiwombeni sesibili ukuqinisa kwayo unyawo.
Umqeqeshi we-Arrows, uMabhuti Khenyeza, ukhombise izifiso zegoli lesibili ngokufaka uLungelo Nguse, Knox Mutizwa noNduduzo Sibiya endaweni kaSiyanda Mtanti, Moon no-Olwethu Ncube.
UBrendon Truter opheka iqembu lasekhaya ufake uSibusiso Vilakazi noTiklas Thutlwa, ekhipha uKgomotso Mosadi noRally Bwalya.
Obekusiza i-Arrows ukuthi iSekhukhune ibiwafaka ehamba emoyeni amabhola ebhokisini, obekwenza azithathele kalula ngaso sonke isikhathi uWatenga.
Kuhambe ngale ndlela kwaze kwaba amaphuzu ahamba nezivakashi yize iqembu lasekhaya lizame ngakho konke ukulinganisa.