ABALANDELI bamaqembu ahlukene adlala kwiPremier Soccer League (PSL), badonswe ngendlebe ngomkhuba wabo wokungena enkundleni emuva kwemidlalo ngoba lokhu kuqhatha amaqembu abathi bayawathanda nolaka lwekomiti lale nhlangano eliqondisa ubugwegwe.
UZola Majavu ongumshushisi wePSL uhlabe leli khwelo kubathandi bakanobhutshuzwayo ukuba bawuyeke lo mkhuba ngoba ushaya iphakethe lamaqembu abahambe betshela abantu ukuthi bayawathanda.
Lo mshushisi ukusho lokhu ngoMsombuluko emini ngesikhathi ekhuluma nethimba labezindaba lePSL, ngokulahlwa icala kwe-Orlando Pirates, okuthe inganqoba kwiMamelodi Sundowns kowandulela owamanqamu weMTN 8, abalandeli bayo beqiwa injabulo bangena enkundleni.
“Njengomshushisi weligi ngiyacela kubalandeli bakanobhutshuzwayo ukuba bahlukane nalo mkhuba wokungena enkundleni ngoba ugcina usushaya ephaketheni amaqembu abahambe bethi bayawathanda,” kusho uMajavu.
“Kungumthetho weligi ukuthi abavumelekile abalandeli enkundleni kungakhathalekile ukuthi bangaki abenza lokho.
“Ngisho angangena abe munye enkundleni, i-PSL inomthetho oqinile ophikisana nokungena kwabalandeli enkundleni futhi ngeke ushintshe.
“Ukuqhubeka kwabo (abalandeli) nalo mkhuba kufaka amaqembu abo obishini, agcine esezithola ebhekene nokukhokha izizumbulu zemali ngento engagwemeka kalula.
“Akwakhi isithombe esihle ukungena enkundleni kwabalandeli ikakhulukazi ngalelo qembu abalilandelayo ngakho ngiyazicelela ukuba lo mkhuba uyekwe, abalandeli abahloniphe umthetho weligi bese beqhubeka nokuthokozela unobhutshuzwayo ngaphandle kokudala umonakalo ongenasidingo,” kusho yena.
IPirates ibivele phambi kwekomiti le-PSL eliqondisa ubugwegwe khona ngoMsombuluko ekuseni ukuzophendula ngezinsolo zokungena kwabalandeli bayo enkundleni (ePeter Mokaba Stadium, ePolokwane), ngo-Okthoba 22 emuva kokunqoba kwiSundowns ngo 3-0.
“IPirates ilivumile icala okulandelwe ukuthi i-PSL iyihlawulise u-R200 000 kodwa uhhafu wakhona olengiswe izinyanga ezingu-24 ngesivumelwano sokuthi ngeke itholakale isephutheni elifanayo kule minyaka emibili ezayo,” kusho uMajavu ejobelela ngokuthi iPirates kumele ikhokhe ngokushesha u-R100 000 nohhafu wezindleko zokungena kwecala.