BADONSWE ngendlebe abadlali boMsinga United ukuthi bangakhukhumalelwa amakhanda ngoba kungase kubhuntshe iphupho labantu basesifundeni Umzinyathi lokuba neqembu elidlala kwiPremier Soccer League (PSL).
AmaBhubesi acijwa nguDoctor Mkhonza, abhaxabule ngo 7-1 iFC Buffalo yaseFree State, kuma-ABC Motsepe League National Play Offs, ngoLwesithathu, eHarry Gwala Stadium, eMgungundlovu. Bekungumdlalo wesibili ka-Group A.
Kowokuqala adlule kwiDondol Stars yaseGauteng yodumo lweNedbank Cup.
Ngokunqoba kwiBuffalo aqinisekise indawo yawo kowandulela owamanqamu njengoba esenamaphuzu ayisithupha. Imidlalo eyandulela owamanqamu ikusasa enkundleni efanayo. Amaqembu azonqoba lesi sigaba azobe esezinikeze ithikithi lokudlala ngaphansi kwePSL, kwiMotsepe Foundation Championship.
UMkhonza obefa yinjabulo ngemuva komdlalo, uthe nakuba ejabule kodwa kunezinto okusamele azilungise eqenjini lakhe. Uveze ukuthi okubasize kakhulu emdlalweni wokuqala ukuthathwa kancane.
Ube esexwayisa abadlali bakhe ukuthi bangalinge benze iphutha elifanayo lokweya amanye amaqembu.
"Ngo-2021, ngihambe noMvoti ukuya kuma-ABC Motsepe League National Play Offs ngashaywa kowandulela owamanqamu. Ngizokwenza isiqiniseko sokuthi akungiphindi lokhu. Nabo ngiyabacela ukuthi baqhubeke nokuzithoba. Ngiyababonga kakhulu ngokulandela imiyalelo yabaqeqeshi.
“Sekusele kancane, mababekezele, selizofezeka iphupho labo," kubeka uMkhonza okungokwesithupha efaka amaqembu ehlukene kulolu hlobo lwemidlalo. UMkhokhiseni Mpanza ongumnikazi woMsinga uhambe emazwini kaMkhoza.
"Ngesikhathi ngisungula leli qembu ngathi ngeke ngikuthole ukuphumula abantu baseMsinga naseMzinyathi jikelele, bengenalo iqembu elidlala kwiPSL. Sizoqhubeka nokugcizelela ukuzithoba kubona. Namanje ngizoqhubeka nokubaxhasa," kubeka uMpanza.
Nakuba emdlalweni weBuffalo kuyiwe ekhefini uMsinga usuvalele amagoli amabili kodwa kugqame inqwaba yamaphutha ikakhulukazi kubadlali basemuva.
Lokhu kuholele ekutheni iFC Buffalo ithole inqwaba yamakhona.
Nasesiswini abadlali bamaBhubesi bebengalihlikihli njengasemdlalweni weDondol Stars.
Kubuywa ekhefini, iBuffalo ithole iphenathi. Akuphelanga sikhathi esingakanani isitobha soMsinga sashaya elesithathu. Ngemuva kwalo uMsinga bese uzenzela.
Uma uMkhonza efuna ukubona ezakhe zidlula kowandulela owamanqamu ziphinde zingena kwiPSL kuzomele abafana bakhe bagweme ukwenza amaphutha ezingane. NgoLwesihlanu kowandulela owamanqamu, kulindeleke ukuthi uThabani Mthembu angadlali ngenxa yamakhadi aphuzi.
Komunye umdlalo ngoLwesithathu, i-Upington City yaseNorthern Cape ishaye iYoung Bafana yaseWestern Cape.
IYoung Bafana seyiphumile kwazise nasemdlalweni wokuqala ishaywe Amavarara ase-Eastern Cape. NgoLwesine, ngo-9 ekuseni, kuzovula iBuffalo neDondol bese kulandela iMpheni Home Defenders ne-Orbit. Ngo-3 ntambama kuzovala i-Upington City naMavaravara.