ZITUSE igalelo labezindaba zaphinde zabonga abadlali ngokuzithoba izinhliziyo ngokungehlulwa ngesikhathi zithunjwe eLibya izikhulu ezimbili zeMarumo Gallants ezibuye kuleli ngeSonto, kulandela ukuvaleleka amasonto amathathu kuleliya lizwe.
URufus Matsena, wezokuxhumana kwiGallants, noTebogo Dhlomo obhucunga abadlali, babuye kuleli ngoMsombuluko ekuseni kulandela ukugqunywa kwabo ehhotela eLibya kusukela ngoMashi 19.
UMatsena noDhlomo “bathunjwe” eLibya kulandela udaba oluthinta ukungakhokhelwa ngokugcwele kwehhotela elalisetshenziswa yiGallants ngesikhathi iyodlala oweCaf Confederation neqembu lakuleliya lizwe, I-FC Al Akhdar.
Ekhuluma ohlelweni, iSport Night Amplified, esiteshini somsakazo iMetro FM ngesonto ebusuku, umnikazi wehhotela, u-Ali Elzargha, uthe bavumelana nosihlalo weMarumo, u-Abram Sello, ukuthi laba basebenzi basale ngemuva kuze kuba iqembu likhokha isamba semali esingu-37 000 USD, okuyimali elinganiselwa ku-R659 000.
U-Elzargha waqhuba wathi ngaphandle kwezindleko zasehhotela, wathengela iGallants amathikithi ebhanoyi nejezi eyalisebenzisa ngesikhathi lidlala ngemuva kokuthi eminye imithwalo yalo ingafikanga eLibya isuka eTurkiye.
Emuva kwemihlangano eminingi ebihlanganisa nezikhulu eziphezulu zikahulumeni wakuleli nowaseLibya, uMatsena noDhlomo bakhululiwe.
Esithangamini nabezindaba ngoLwesibili ebesiseSky Hotel, eSandton, eGoli, uchaze ngokubehlele.
“Kuqale kungathi sizosala izinsuku ezimbalwa ukuze iqembu likwazi ukukhokha bese silandela ngemuva kodwa kwagcina sekunzima njengoba kuphele ngale ndlela okuphele ngayo,” kusho uMatsena.
“Besazi ukuthi kuzoba into esheshayo ngoba bekuhlelwe ukuthi usihlalo ayifake kithina imali bese siyakhokha silandele iqembu.
“Nakuba bekulukhuni kodwa ukwazi ukuthi lokhu esikwenzayo sikwenzela ukuthi iqembu likwazi ukuqhubeka nemidlalo yeligi bekusithoba amanxeba.
“Indlela abafana abadlale ngayo kule midlalo emithathu abayigijime sithunjiwe isenze sangabe sisabuzwa nobuhlungu bokuthi sikude nemindeni yethu yize bekunzima,” kuqhuba yena.
Ngesikhathi uMatsena noDhlomo bethunjiwe, iGallants idlale neSt Eloi Lupopo yaseDemocratic Republic of Congo (DRC) kwiConfederation Cup, iRoyal AM neKaizer Chiefs kweyeligi kodwa bonke abangazange bayehlule.
Ngokwalesi sikhulu, mhlawumbe ngabe kukhulunywa okunye ukube abezindaba baseNingizimu Afrika abazange bayigqamise indaba yokuthunjwa kwabo.
“Ukwesekwa esikuthole kubona bonke abantu abazwile ngodaba lwethu ngokwehlukana kwemikhakha kusithobisile, siyabonga.
“Abezindaba badlale indima enkulu ngokubeka lolu daba ebusweni babantu. Ngaphandle kwamandla epeni, mhlawumbe ngabe kukhulunywa okunye,” kusonga uMatsena.
IGallants, elwela ukuvika izembe kwiDStv Premiership, izobuyela enkundleni ngoLwesithathu neChippa United. Umdlalo usePeter Mokaba Stadium ngo-7.30 ebusuku. Ikunombolo-15 kwi-log.
“Yilona elingekho ithuba lokucasha ngesithupha yize sizobe sidlala umdlalo wesine ezinsukwini ezingu-10,” kusho uRaymond Mdaka ongumqeqeshi weGallants ethimbeni labezindaba laleli qembu beqeda ukubambana neChiefs ngo-1-1 ngempelasonto.
“Akukho okudlula ukuthi siphinde sibuyele enkundleni ngaphandle kokucasha ngesithupha ngenxa yalesi isimo esibhekene naso.”