KUZOCACA ngempelasonto ezayo ngeqembu le-Safa KZN ABC Motsepe League elizomela lesi sifundazwe emidlalweni kazwelonke yokuhlungela ukwenyukela esigabeni sesibili sePremier Soccer League (PSL).
Usuku lwangoLwesibili lushone sekucacile ukuthi iMilford iyizingqwele kwi-Stream A. Inqobe ngamaphuzu awu-41 emidlalweni ewu-18. Ibibekwe ezithendeni uMmkhumbane Classic ngawu-39.
Kwi-Stream B kugcine kukhonye Umsinga ngawu-38.
Bekuminyene utshumo njengoba neGWP Friends beyinamaphuzu afanayo.
UMsinga ocijwa uDoctor Mkhonza, usizwe wukushaya amagoli amaningi.
Engxoxweni emfishane noKwenzakwakhe Ngwenya ongumengameli weSouth African Football Association (Safa), KwaZulu-Natal, uthe yimpelasonto yePhasika eyenze bawuhlehlisela ku-Ephreli 15 umleze wokuqala wokuhlunga.
Owesibili uhlelelwa ukuthi ube ngo-Ephreli 20. UBright Gumede oyinhloko yehhovisi lemiqhudelwano kulesi sifundazwe, uqinisekise ngokuthi ngesizini ezayo kuzoba neligi eyodwa, ngeke isahlukaniswa kabili.
"Kwesisanda kuyisonga kwi-stream ngasinye, izembe lizodla amabili. Kusho ukuthi azoba mane mayesehlanganisiwe.
“Kuzobe sekwenyuswa amabili e-SAB League, okusho ukuthi iligi yesizini ezayo isizoba nawu-18," kubeka uGumede.
Kwi-Stream B izembe lidle iDurban Pioneers neXI Experience. Kakucaci kahle kwi-Stream A njengoba i-Asande elele isibili emsileni iveza ukuthi icala lomdlalo wayo neMilford, ilidlulisile.
Umdlalo wala maqembu awuphelanga ngemuva kokuthi unompempe enike iMilford iphenathi. Abe-Asande bazeseka ngokuthi wunompempe owaqoma ukungaqhubeki nomdlalo, bona babesazimisele ngokudlala.
Ngeledlule icala liyilahlile i-Asande nokho uBongani Nkosi oyimenenja uthe balidlulisile.
Kubuzwa uGumede ngalokhu, uthe wonke amacala aphelile, yingakho bekumemezele ngokusemthethweni ukuthi kwi-Stream A yiMilford izingqwele zakhona.
Iqembu okungenamsindo ngokudliwa yizembe kwalo kwi-Stream B, uMkhwakhwini osekugcineni.
Leli phephandaba libuye lathola nokuthi imidlalo kazwelonke yokunyukela kwiMotsepe Foundation Championship ingase idlalelwe KwaZulu-Natal. Ijwayelwe ukudlalwa ngoJuni.
UGumede uthe yihhovisi likazwelonke elizomemezela ukuthi izobanjelwa kuphi futhi nini le midlalo.
Ihambe kanje imiphumela yongoLwesibili:
Kwi-Stream A: Asande FC 0 - 0 Wanderers; Muzi 0 - 0 Milford; Breakers 1 - 0 Mkhumbane; Mtuba 2 - 1 Mkhwakhwini; Dynamos 1 - 0 Njampela.
Kwi-Stream B: Friends 1 - 0 Umvoti; Newcastle 0 - 6 uMsinga; Mkhambathi 3 - 0 Experience; Pioneers 0 - 1 Coastal; Midlands 2 - 1Drakensberg.