Golden Arrows (1) 1
Royal AM (0) 1
ILAMONTVILLE Golden Arrows inciphise amathuba ayo okubambelela kwiTop 8 idlala ngokulingana neRoyal AM emdlalweni wabakhaya baKwaZulu-Natal weDStv Premiership obudlalelwa eMpumalanga Stadium, eHammarsdale, ngoMgqibelo ntambama.
Igoli leGolden Arrows kube umkhonto ogwaze ekhaya uZukile Mkhize weRoyal AM ezama ukususa umhlola ekhaya ngesiwombe sokuqala. Elokulinganisa le-AM lashaywa wuKhulekani Shezi ngesiwombe sesibili.
IGolden Arrows ibuya nephuzu kulo mdlalo nje ibisazikhotha amanxeba ngemuva kokuxetshulwa yi-Orlando Pirates ngo 7-1 emasontweni amabili edlule emdlalweni wayo wasekuhambeni.
Ukubhaxatshulwa yiPirates ngamagoli amaningi kwenze i-Arrows yenza izinguquko ezintini, ibophela u-Olufemi Kayode endaweni kaSifiso Mlungwana obengekho nasebhentshini kulo mdlalo.
Odongeni lwasemuva maphakathi nendawo iqalise uThemba Mantshiyane endaweni kaThabani Zuke, ngakwesokudla yaqalisa uBrandon Theron endaweni kaThokozani Lukhele.
I-Arrows yiyona ekhombise ukucindezela zisuka nje, ithola namathuba okufika emapalini e-AM.
Nebala kugcine kuyilungele ngomzuzu ka-15 uMkhize ethi ususa umhlola ekhaya walibhakuzisa ngakubo, ezama ukuvimba ibhola ebelishaywe uLungelo Nguse kade ethole ibhola ebeligotshwe uSiyanda Mthanti eqhamuka ngasophondweni lwesokudla.
Nokho, ngemuva kokungenelwa yigoli i-AM ikhombise ukuvuka emaqandeni, yafika kaningana emapalini e-Arrows.
Empeleni bekumele kuyiwe ekhefini i-AM isilitholile igoli lokulinganisa, uWandile Mabuza wadlala ngomsebenzi, ecucuza esephume qekelele ebhekene noKayode, ibhola lakhe lagcina likhishwe wuGladwin Shitolo ngomzuzu ka-41 sekusele kancane liqabule inethi.
Ukulimala kukaMkhize ngasekupheleni kwesiwombe sokuqala kuphoqe ukuthi i-AM yenze uguquko ifake uKhulekani Shezi endaweni yakhe.
Nebala uShezi ungene nomnyakazo, emizuzwini embalwa zibuye ekhefini ushayele i-AM igoli lokulinganisa ngomzuzu ka-52 ededela ishodi alizwe ngendaba unozinti we-Arrows u-Olufemi ngemuva kwebhola ebelisuke kuMotebang Sera kade kuyikhona.
Ukwehluleka kwaBafana Bes’thende ukubuya namaphuzu amathathu kulo mdlalo, kubeka engcupheni amathuba ayo okuzinza kwiTop 8.
Yize besesendaweni yesishiyagalombili kwi-log ngemuva kokuthola iphuzu kulo mdlalo wabakhaya, kodwa ukunqoba kweKaizer Chiefs neChippa United kuzobagudluza aBafana Bes’thende kule ndawo abakuyona.
IChiefs izodlala neRichards Bay FC, eKing Zwelithini Stadium, eMlaza ngeSonto, kuthi iChippa ibhekane neSupersport United namuhla ngoMgqibelo ebusuku, eLucas Moripe Stadium, e-Atteridgville.
Ngakolunye uhlangothi, iThwihli Thwahla ukuthola kwayo iphuzu kulo mdlalo kuyisuse endaweni ka-13 yaxaxambela kweka-12 idiliza AmaZuu FC esilobe lapha esayodlala ne-Orlando Pirates.