I-SWALLOWS kungenzeka ibhekane neKaizer Chiefs isabamba iyeka ngendaba yokuqashwa komqeqeshi omusha ozovala isikhala sikaDylan Kerr, oxoshwe emasontweni adlule.
IZinyoni zizogadulisana naMakhosi emdlalweni weDStv Premiership eDobsonville Stadium, eSoweto, ngoLwesithathu ngo-7.30 ebusuku. Leli qembu, okuthiwa linenkinga yemali, likhombe indlela uKerr ngenxa yokungagculiseki ngemiphumela yakamuva.
Uxoshwe ngemuva kokushaywa yiLamontville Golden Arrows ngo-4-0 koweDStv Premiership eThekwini, maphakathi noSepthemba. UKerr uxoshwe esanda kuthola imvume yokusebenza kuleli abekade eyilinde kusukela kuqala isizini. Ngesikhathi uKerr esalinde imvume, izintambo zokuqeqesha bezibanjiswe abadlali, uMusa Nyatama noThela Thela.
Laba kungenzeka kuphinde kubambe bona koweChiefs. Emasomtweni adlule, bekunezinkulumo zokuthi baningi abaqeqeshi abafake izicelo zomsebenzi kwiSwallows. Kulaba baqeqeshi kubalwa no-Ernst Middendorp waseGermany, ongakawutholi umsebenzi selokhu ehlukane neMaritzburg United ekupheleni kwesizini edlule. Lo mqeqeshi uyabonakala emidlalweni eyahlukene yePremiership.
Isikhulu seSwallows, uSipho Xulu, sithe okwamanje akukho abangakwenekela izwe ngendaba yomqeqeshi ozovala isikhala sikaKerr.
"Asikho isinqumo esesithathiwe ngendaba yomqeqeshi omusha. Sisayibhunga indaba yakhe. Uma sekukhona okubambekayo, sizokhuluma. Uma sesithathiwe isinqumo sizomemezela," kusho uXulu.
Emuva kokuxoshwa yiSwallows, uKerr wenqabile ukuphawula ngokwenzeke kuleli qembu nezinkinga ezikhungethe isidleke seZinyoni zaseDube. Ukhonjwe indlela evele esesola kwazise ubizelwe emhlanganweni isigubhukane emuva kokuthelwa ngehlazo yi-Arrows, wathi uma abaphathi bebona isixazululo kuwukuxosha yena, uzokwamukela.
ISwallows isendaweni ka-14 kwi-log yePremiership. Isawine imidlalo emibili kuphela kweyisishiyagalombili esayidlalile. IZinyoni zizobhekana neChiefs esazama ukuqoqa amaphuzu azoyenyusa kwi-log yePremiership.
Amakhosi asendaweni yesishiyagalolunye kwi-log ngamaphuzu angu-11 emuva kwemidlalo eyisishiyagalombili. Ukungenzi kahle kweChiefs kufake ingcindezi kumqeqeshi u-Arthur Zwane osazama ukuhlanganisa iqembu.