IPHINI lomqeqeshi we-Orlando Pirates, uMandla Ncikazi, lithi ligculisekile ngendlela uhambo lwabo lwaphesheya, eSpain, olusahamba ngayo futhi unethemba lokuthi bazolusonga kahle.
EZimnyama ziqale ukulungiselela isizini ka-2023/24 eRustenburg, eNorth West, ngaphambi kokuya eSpain ngesonto eledlule.
Umdlalo wazo wokuqala neqembu lase-Israel, iMaccabi Tel Aviv, uqhubekile naphezu kwezikhalo zezinhlangano ezilwela amalungelo abantu zakuleli nangaphandle, ebezinxusa amaBhakabhaka ukuthi awahoxe kuwo.
Ngokusho kwenye yalezi zinhlangano, iBoycott, Divestment, Sanctions Coalition (BDS), iPirates bekufanele iwuhoxise lo mdlalo, ikhombise ukuzwelana nabantu basePalestine, ethi basacindezelwa wuhulumeni namasosha ase-Israel.
Nokho lo mdlalo obungoLwesine olwedlule, ugcine udlaliwe, amaBhakabhaka awunqoba ngo 1-0 ngegoli elishaywe nguPatrick Maswanganyi, osanda kujoyina leli qembu esuka kwiSuperSport United.
EzikaMagebhula zidlale umdlalo wesibili ngoMgqibelo, zabuya sezilandela ngemuva, ziqumba phansi i-Independiente del Valle yase-Ecuador ngo 3-1. Kulokhu inethi ibhakuziswe ngumgadli waseCameroon, uSouaibou Marou, uMaswanganyi noFortune Makaringe.
Umdlalo wokugcina walolu hambo lwaseSpain, okuyizwe umqeqeshi wazo uJose Riveiro adabuka kulona, lizowudlala neqembu lakhona i-UD Las Palmas. Leli qembu liqede endaweni yesibili esigabeni sesibili ngesizini edlule kanti lizobe lidlala kwesiphezulu, iLa Liga, kule sizini ezoqala.
“Amalungiselelo asahamba kahle futhi nabadlali bethu balisebenzise ngendlela efanele leli thuba. Kuhle ukubona ukuhlangana kwabadlali abadala nabadlali abasha. Kubukeka kukuhle kodwa kuseyisigaba samalungiselelo,” kusho uNcikazi ekhasini lePirates enkundleni yokuxhumana uTwitter.
“Kuhle ukuthi sibhekane nezimbangi ezihlukene ezivela emazwenikazi ahlukene futhi kuyisivivinyo esihle ngaphambi kwezinselelo esisazobhekana nazo ekhaya. Kuhamba kahle okwamanje kodwa kufanele siqhubeke ngendlela efanayo.
“Izinto zibukeka zizinhle kepha kusamele sigoduke siqhubeke nokwenza lokhu okulindeleke kithina. Ngijabule ngendlela iqembu eliyilwele ngayo imiphumela futhi ngiyethemba ukuthi emdlalweni olandelayo sizobona ukuzinikela, ukuzimisela kanye nokubumbana okufanayo.”
Ngesizini edlule iPirates iqede endaweni yesibili kwi-log ye-DStv Premiership kodwa ibisele ngamaphuzu angu-16 kompetha iMamelodi Sundowns.
EzikaRiveiro zikwazile ukuphakamisa izindebe ezimbili, zithatha i-MTN 8 ekuqaleni kwesizini neNedbank Cup ngasekupheleni.
Zizoqala isizini ka-2023/24 ye-DStv Premiership ngokubhekana neStellenbosch FC ekuhambeni ngo-Agasti 5.