UKUBUYA kwemidlalo yeDStv Premiership kule mpelasonto kulandela ikhefu lamasonto ayisikhombisa ngenxa ye-Africa Cup of Nations, kunikeza wonke amaqembu nabadlali ithuba lokubuya nokuhlukile emzuliswaneni wesibili.
Laba abangenzanga kahle kowokuqala bazobe bebheke ukunyathela ngonyawo olusha emidlalweni ezayo. Abaqale kahle babheke ukukhuphula izinga.
Iqembu eselenze le ligi yakuleli yaba ngeyalo, iMamelodi Sundowns, lisashosholoza njengoba kuyiwe ekhefini lihamba phambili ngamaphuzu angu-38 emidlalwei engu-14.
Asikabibikho isidingo sokujeqeza emuva kwazise liselikhulu igebe phakathi kwalo namaqembu alilandelayo, iCape Town City neSuperSport United. Womabili la maqembu anamaphuzu angu-29 ngamunye emidlalweni engu-16.
Ukuqhwakela kwamaBrazilian akumangazi njengoba ezenza kahle zonke izinto ezidingekayo ukuze iqembu lithole imiphumela emihle.
Nakuba esadlale imidlalo emincane kunamanye kodwa asehlohle amagoli amaningi kunawo wonke amaqembu, ebhakuzisa inethi amahlandla angu-26. Alandelwa aMatsatsantsa anangu-22, Orlando Pirates, Stellenbosch United ne-Lamontville Golden Arrows abanamagoli angu-19.
Nasemuva iqembu likaRhulani Mokwena livalile kwazise, lisangenelwe ngamagoli amathathu kuphela. Mkhulu umehluko phakathi kwalo namanye amaqembu angconywana okuyiCitizens neTS Galaxy abangenelwe ngamagoli angu-11 iqembu ngalinye.
ICape Town Spurs, esemsileni, nayo kuyabonakala ukuthi kungani idonsa kanzima njengoba isashaye amagoli angu-11, yangenelwa yimbudlu yamagoli angu-33.
ISundowns ihamba phambili ngamawini angu-12 kanti kusinda kwehlela kwiSpurs esanqobe umdlalo owodwa. Ukubhacaza kweSpurs kuyibeka ethubeni lokuphula inqwaba yamarekhodi amabi aqoshwa yiMother City ngesizini ka-1999/2000.
Kuleyo sizini iCity yanqoba imidlalo emibili kuphela kwengu-34 eyayidlala, yashaya amagoli angu-22, yalotsholwa ngangu-85.
Abadlali abasahamba phambili ekushayeni amagoli kule sizini nguKhanyisa Mayo weCape Town City, Lucas Ribeiro weSundowns noBradley Grobler waMatsatsantsa abanamagoli ayisikhombisa emunye.
Bamiswe kabi nguTshegofatso Mabasa obekwiMoroka Swallows kodwa osebuyele kwi-Orlando Pirates no-Augustine Kwem waMaZulu FC abanamagoli ayisithupha emunye.
Umgadli weSundowns ojwayele ukuba sembangweni wamagoli, uPeter Shalulile, usavalele amane kule sizini.
Unozinti osanda kugila izimanga kwi-Africa Cup of Nations, uRonwen Williams, ubamba ngisho impukane kweyiligi lapho esangenelwe khona amagoli amabili emidlalweni engu-11. Kweyisishiyagalombili akuzange kudlule lutho kuyena.
Abadlali bePolokwane City, uLebohang Nkaki noTholo Mathuludi, babe yizinsika zaleli qembu emzuliswaneni wokuqala njengoba beyiqale baphinde bayiqeda yonke imidlalo engu-16 elidlalile. Yibona bodwa abasaphethe leli rekhodi kule sizini.