IROYAL AM izodlala oweCaf Confederation Cup iphefumula ngenxeba kulandela isibhaxu sika-3-0 esithole kwiMamelodi Sundowns ngempelasonto edlule.
IRoyal AM izovakashela iTP Mazembe yaseDemocratic Republic of Congo (DRC) emdlalweni womlenze wokuqala wokuhlungela amaqoqo eConfederation Cup eStade TP Mazembe namuhla ngo-3 ntambama.
Kulesi sigaba amaqembu abekade edlala kwiConfederation Cup aqhathwa nahluleke kwiChampions League. Amaqembu angu-16 azosala, azongena esigabeni samaqoqo seConfederation Cup.
Embhidlangweni wase-Afrika, iRoyal AM ihambisana neCape Town City ebikade ikwiChampions League neMarumo Gallants.
ICity izokwamukela i-USM Alger yase-Algeria eCape Town Stadium namuhla ngo-6 ntambama. IGallants iseLibya lapho iyogadulisana khona ne-Al Ahly Tripoli emdlalweni ozoba seMartyrs of February Stadium namuhla ngo-7 ebusuku. Imidlalo yemilenze yesibili izodlalwa ngoNovemba 9.
IThwihli Thwahla idlala oweCaf nje iphuma esibhaxwini sika-3-0 esithole kwiSundowns koweDStv Premiership ngempelasonto edlule.
Umqeqeshi, uKhabo Zondo, uthe ufisa bangangenelwa yigoli eDRC.
"Sizojabula kakhulu uma singeke singenelwe yigoli, ngethemba lokuthi sizolishaya. Ngeke kube lula kithina ukudlala eDRC. Bazosenzela kube nzima. Bayazi ukuthi amaqembu aseNingizimu Afrika abashayile phambilini. Mhlawumbe bazofuna ukuziphindiselela ngathi. Kufanele sizihlele kahle, sigxile eqhingeni lethu, senze isiqiniseko sokuthi asingenelwa yigoli futhi sizame ukushaya igoli elizosibeka ebuhleni njengoba kuzobe kungelasekuhambeni," kusho uZondo.
Nakuba uZondo enalo ithemba lokwenza kahle eDRC kodwa iRoyal AM izalelwe yinja endlini kwiMazembe engelinye lamaqembu ahlonishwayo ebholeni lase-Afrika. Nokho iMazembe isiyasazi isibhaxu samaqembu aseMzansi kwazise ikhishwe ngaMaZulu kwiChampions League ngesizini edlule. Emasontweni adlule umengameli wayo, uMoise Katumbi, uxoshe umqeqeshi, uFranck Dumas, nethimba lakhe nesigungu sonke esilawula iqembu emuva kokuthi likhishwe kwiChampions League. Ubuyise uPamphile Mihayo Kazembe.