SIYAFANA isililo emaqenjini aKwaZulu-Natal adlala kwiSafa Sasol League ngokungakhokhelwa izimali zawo zemihlomulo yangesizini edlule ka-2022 ekubeni sekuze kwasongwa neka-2023.
Ekuqaleni kukaSepthemba Isolezwe Ngempelasonto labika ngosizi lokucwila ezikweletini kwabaphathi bamaqembu ase-KZN adlala kwiSasol League ngenxa yokungazitholi izimali zawo zemihlomulo yangesizini ka-2022, nesibonelelo sezindleko zokuhamba sangesizini ka-2023 esanda kusongwa.
Sekuze kwasongwa nesizini ka-2023 esongwe ngamaPlay-Off esifundazwe adlalwe yiLindelani Ladies neNewcastle Ladies ngoSepthemba 23, kwaphumelela iLindelani Ladies.
ILindelani yiyona ezomela i-KZN kumaPlay-Off kazwelonke eSasol League, okuzabalazela ukukhushulelwa kwiHollywoodbets Super League, azodlalwa eBloemfontein, ngo-Okthoba 16 kuya ku-22.
Iqembu ngalinye kwaqeda ehlezi phezulu kwi-log kwiStream A neStream B lihlomula ngo-R50 000, elilale isibili lihlomule ngo-R30 000 kwehle njalo, njengoba i-stream ngasinye sinamaqembu ayisishiyagalolunye, okwenza abe ngu-19 kulesi sigaba esiphakela eseHollywoodbets Super League.
USiyabonga Malinga, ongumphathi futhi ongumqeqeshi weSunflower WFC yaseHammarsdale, uthi namanje abakayitholi imali yabo abebethenjiswe yona ngaphambi kokusongwa kwesizini ka-2023.
“Sezaphela kudala izinsuku ezingu-15 esasethenjiswe zona ukuthi sizokhokhelwa emuva kwazo, kuze kube manje asikatholi lutho, sixakekile asazi ukuthi kumele senzenjani.
Namanje asikayitholi imihlomulo yangesizini ka-2022 nesibonelelo sezindleko zokuhamba, njengoba sesize saqeda nale sizini ka-2023. Siyazibuza siyaziphendula ukuthi ngempela inkinga ikuphi.
Siphoxeke kakhulu ngedlela iSafa eyenza ngayo izinto. Kuyaxaka ngempela futhi kuyadumaza ukuthi kungani singayitholi imali yemihlomulo yethu yangesizini edlule, kuze kushaye lesi sikhathi ekubeni iligi inabaxhasi, iSasol.
Lokhu kushiya imibuzo eminingi ukuthi ngabe iSasol isayifaka yini imali noma kayisayifaki. Uma iyifaka, itholwa kanjani. Uma ingasayifaki asaziswa ngani pho?
Okubuhlungu kakhulu sikweleta abantu bezimoto ezisihambisa emidlalweni yasekuhambeni. Sesingene sagamanxa ezikweletini sivala izikhala ngoba iningi lethu esiphethe amaqembu kulesi sigaba kasinabo abaxhasi, sikhipha imali emaphaketheni ethu ukujabulisa lezi zingane zidlale,” kusho uMalinga.
Nesinye isikhulu seqembu elidlala kwi-KZN Sasol League esingathandanga igama laso lidalulwe, sikhala esifanayo.
“Kule sizini esanda kuphela kuneminye imidlalo esigingqeliwe kuyona ngenxa yokwehluleka kwethu ukufinyelela kweminye yayo yasekuhambeni, ngenxa yakho ukungayitholi imihlomulo yethu nesibonelelo semali yokuhamba.
Isizini iphela nje izingane eziningi engiziphethe seziphelelwe wuthando lokudlala ngenxa yalesi simo. Nginokwesaba ukuthi ngesizini ezayo abanye babo ngeke babuye, okuyinto engaba buhlungu, ngoba iqembu liyabadinga.
Siyacela impela ukuthi iSafa iyilungise le nto, ngoba izoqeda uthando lwebhola ezinganeni ekubeni kuyiyona ndlela le esiziqoqa ngayo ekutheni zingabi wuvanzi futhi zihlengeke nasezintweni ezingalungile, ezikhona emiphakathini yethu,” kusho isikhulu.
Ongusihlalo weSafa e-KZN, uKwenzakwakhe Ngwenya ngenkathi ebuzwa yiSolezwe Ngempelasonto ngesikhalo samaqembu eSasol, wayethembise ukuthi azokhokhelwa maduze.
Imizamo yokuzwa ukuphawula kukaNgwenya kayiphumelelanga kulokhu, ucingo lwakhe belukhala lungabanjwa, kwaze kwashaya isikhathi sokushicilela lolu daba engayiphendulanga imibuzo abethunyelwe yona ngeWhatsApp.