KUZOQHILIKA izihlathi kubalandeli baMaZulu FC ngokuvela kwezindaba ezithi azobuya ekhefini lemidlalo yeFederation of International Football Association (Fifa), ngonyawo olufana naqale ngalo iligi ngo-Agasti.
Lokhu Isolezwe Ngempelasonto likuhoshe ezingxoxweni nemithombo engaphakathi eqenjini ngesikhathi lilandelela udaba lokufika kwabagadli abathengwe ngaphandle kodwa abangakafiki.
Labo bagadli nguVictorien Adebayor waseNiger, noYakhouba Gnagna Barry waseGuinea.
UBarry ufike kuMaZulu wazilolonga nawo kodwa wabe esechithwa ngenxa yokuthi ubelimele ngendlela ebingabazisa ukuthi, uzolulama ngendlela efiswa wuSuthu, ngesikhathi ebesifunwa yilo.
Ekuchitheni umdlali, Usuthu luphuthume lwabheka ngaseKenya, lulanda uVincent Oburu, naye ongakasayini.
UNhlanhla Mkhathini, okhulumela iqembu, ukuqinisekisile ukungaphasi kwekaBarry kodwa wathi ubengakamboni u-Oburu futhi nabaphathi bakhe bebengakaze bamtshele lutho ngaye.
Ngodaba luka-Adebayor, olu mbindile nokho uthe: “Ngeke ngiqambe amanga, angazi kuqhubekani ngo-Adebayor. Vele-ke, izindaba zokuhamba nokufika kwabadlali mina ngizaziswa sezithathiwe izinqumo eminyangweni efanele. Engikwaziyo nje wukuthi ubengakafiki.”
Okushiwo nguMkhathini noma kungaqinisekisi lutho kodwa kakuphambani nokuvele emithonjeni yeSolezwe Ngempelasonto.
Imithombo iveze okuhlukene ngo-Adebayor. Owodwa uthe usekutholile okumgunyaza ukuza eNingizimu Afrika, ngoba kwakukhalwe ngokuthi ubanjezelwe wukuthola i-visa. Kwathiwa lokhu kungenxa yombhedukazwe ngakubo oholele ekutheni kungabikhona ukusebenza kahle kwezinhlaka zikahulumeni wakho nokuhamba kwezindiza.
Uthe mhlawumbe akafikile ngoba eseqenjini lesizwe ngenxa yekhefu leFifa.
Omunye nokho uveze ukuthi maningi amathuba okuthi angabe esafika ngenxa yokuthi unemibandela eminingi ehambisana nokuthi ufuna ukufuduka nomndeni wakhe isigubhukane kulandela isimo esimazonzo sombangazwe kwelakubo.
Isolezwe Ngempelasonto like lalamela olunye udaba emithonjeni yaphesheya oluveza ukuthi naseDenmark, wabuya ngoba behluleka ukuwezela ngaphesheya intombi yakhe.
“Kubukeka sengathi ungumuntu ohluphayo kahle, hle. Le nto yokuthi usefuna ukufuduka nomndeni wakhe isigubhukane, yiyo-ke manje esiyenza izinto zibe nzima. Angiboni ukuthi usazofika. Kubukeka AmaZulu esenkingeni. Aseyosindiswa wukuthi bazivuthulule amakhizane laba abakhona, kungenjalo, liyabhubha. Ngizwe kuthiwa kukhona owaseKenya, ake ubuze ngaye,” kusho umthombo.
UMkhathini uthe akakwazi konke lokho. Usuthu luyekhefini ngomdlalo obuyise ithemba ngesikhathi lwehlula iTS Galaxy ngo 1-0, eThekwini. Abeqala ukushaya igoli, ingasaphathwa-ke eyokunqoba umdlalo emidlalweni emihlanu, kule sizini.