AmaZulu FC (2)3
Tornado FC (0)2
AMAZULU awine sekubanjwe umoya ephendukelwa esiswini njengotshwala 'yihlathi' emdlalweni weNedbank Cup Last 32 eKing Zwelithini Stadium, eMlazi, ngeSonto ntambama.
USuthu lwehlule iTornado edlala ku-ABC Motsepe League yaseNorthern Cape ngamagoli kaMbongeni Gumede, Gabadinho Mhango noBongi Ntuli angene esiwombeni ngasinye.
AweTornado abekwe enethini nguMario Katz noKenneth Dupane kwesesibili.
Ngokuwina lapha, AmaZulu azibekisele indawo kwi-Last 16 osekuvele kungene kuyona izinkunzi zeDStv Premiership okuyiKaizer Chiefs, Orlando Pirates neMamelodi Sundowns.
Njengoba bekulindeleke, umqeqeshi waMaZulu uRomain Folz, unikeze ithuba abadlali abahlukene abangajwayele ukuthola ijezi okukhona kubona unozinti uJody February osanda kubolekwa kwiSundowns, Sandile Khumalo no-Ethan Brooks.
UFolz wenze izinguquko waziqeda esiwombeni sesibili ngokukhululeka kwazise abukho ubungozi obungako obebutshengiswa yiTornado.
Nokho umdlalo uphele abalandeli sebemincile ngenxa yokushintsha kwezinto.
AmaZulu awuqale kahle umdlalo eqonda kuyona iTornado.
Asheshe alugqobhoza udonga lwayo ngesikhathi uGumede engqofela phakathi ibhola ngomzuzu wesishiyagalombili kukade kuyikhona eshaywe nguKeagan Buchanan.
Emuva kwaleli goli, Usuthu luqhubekile nokufaka ingcindezi kwiTornado kodwa ehluleka uma esefike phambili.
Ngomzuzu ka-21 ibhola eligotshwe nguGuily Manziba kwesokudla liqobelwe phakathi nguMhango engamakiwe ebhokisini.
ITornado izamile ukubuya emdlalweni kodwa wanqaba uFebruary ezintini.
Esiwombeni sesibili, AmaZulu aqhubekile nokuhlasela kodwa ehluleka uma esefike phambili.
Lokhu kunike iTornado isibindi sokukhuphuka ihlasele. Nokho AmaZulu akuqede konke lokho ngomzuzu ka-63 ngesikhathi uNtuli eqedela ibhola eligotshwe nguMxolisi Kunene kwesokunxele.
Ngesikhathi sekubukeka sangathi AmaZulu asewinile, iTornado ishaye amagoli amabili emzuzwini emibili ebekwa enethini nguKatz noDupane ngomzuzu ka-78 noka-79.