KUVELA ukuthi AmaZulu azimisele ngokuguga iphakethe ukuze athole uSibongiseni " OX" Mthethwa, ongenye yezinsika zeStellenbosch.
Isolezwe lihoshe ukuthi ngeSonto eledlule lo mdlali oyibamba enkabeni yenkundla, uthintwe ngaboSuthu. Kuthiwa uMthethwa utshele isikhulu ukuthi akanankinga nokujoyina iqembu laso.
Uthe inkinga ukuthi enkontilekeni yakhe neStallies, usalelwe yisizini ehambisana nombandela wokuthi ivuselelwe ngonyaka owodwa.
Ngokusho komthombo AmaZulu awanankinga nokukhipha imali. Uma kuphoqa ukuthi angene agamanxe ephaketheni azokwenza lokho.
UMthombo uqhube wathi okuqinisa amathuba ukuthi lo mdlali waseMtshezi, agcine ephelela eThekwini, ukuthi uSuthu lufuna ukuvala isikhala sikaMakhehleni Makhaula ojoyine i-Orlando Pirates, maphakathi nesizini edlule.
"Impela maningi amathuba okuthi uMthethwa ajoyine uSuthu. Uthintwe u(Sandile) Zungu uqobo lwakhe. Ukuhamba kukaMakhaula kuvule esikhulu isikhala. AboSuthu bakholelelwa ekutheni uMthethwa angasivala isikhala sakhe," kubeka umthombo.
Kuvela lezi zindaba nje, phambilini lo mdlali uke wamataniswa neKaizer Chiefs lapho kuthiwa ufunelwa ukuzovala isikhala sikaNjabulo Blom osedlala eMelika.
Nokho kubukeka esemfimfa amathuba okuthi aye kula maqembu. Esisiswini saMakhosi kugcwele kuyanyinyitheka. Kukhona uYusuf Maart, Siyethemba Sithebe, Samkelo Zwane no-Edson Castillo waseVenuezela osanda kusayiniswa. Ngesifanayo nakweZimnyama. Enkabeni kunoBen Motshwari, Miguel Timm, Makhaula noThabang Monare.
Leli phephandaba lihoshe nokuthi uSuthu lufuna noTlakusani Mthethwa oyibamba enkabeni yenkundla kwiMoroka Swallows. UTlakusani, owakhulela enkulisa yeBidvest Wits, kubukeka ezoba nenkinga yokuthola ijezi kwiSwallows njengoba sekufike umakadebona u-Andile Jali. Umthombo uthe sekunesikhathi AmaZulu emfuna lo mdlali.
"Igama likaTlakusani Mthethwa liphezulu kwabafunwa yiqembu. Maphakathi nesizini Usuthu luzamile ukuthi banike iSwallows uSiphesihle Maduna kodwa lo mdlali wenqaba ukuya kwiSwallows. Namanje Usuthu lusamfuna," kusho umthombo.
UBrilliant Mkhathini wezokuxhumana oSuthwini uthe ngeke akwazi ukuphawula into ecacile.
"Ongibuza khona ngeke ngikwazi ukukuqinisekisa noma ukukuphika, bekungakafiki ezindlebeni zami. Uma uzoqaphela besingakethuli ngokusethethweni nomdlali oyedwa. Ngikhuluma ngisho nalabo asebesayinile. Uma sesifikile isikhathi sizowazisa umphalathi izinduku esizigawulile. Okunye ukuthi okwamanje umqeqeshi usahlola abadlali bakhe," kubeka uMkhathini.