AmaZulu FC (0) 2
Chippa United (1) 1
AMAZULU FC abuyise isithunzi sawo eguqisa iChippa United emdlalweni weDStv Premiership eMoses Mabhida Stadium, eThekwini, ngoMgqibelo ntambama.
Usuthu lungene kulo mdlalo liwadinga amaphuzu ukuze likwazi ukuzisondeza namaqembu asembangweni wokuqeda isizini ekwi-Top 8.
Igoli leChippa livalelelwe phakathi wuSinoxolo Kwayiba ngemizuzu yokuqala esiwombeni sokuqala. Elokulinganisa laMaZulu lashaywa wuTshepang Moremi ngesiwombe sesibili, elilandelwe yiphenathi kaHendrick Ekstein ngemizuzu yokugcina.
IChippa ikhombise zibekwa ebhandeni ukuthi izimisele ngokushesha ithole igoli njengoba ibhola ebelingqomfwe wuSiphelele Luthuli lishaye ipali kusaphele imizuzu eyisikhombisa umdlalo uqalile, selimdlile unozinti waMaZulu uVeli Mothwa.
Ngomzuzu olandelayo iChippa ebilokhu iqhubekile nokucindezela, ilitholile igoli okugcine kuyiwe ekhefini ihamba phambili ngalo.
Zibuya ekhefini AmaZulu enze izinguquko ezintathu, efaka uHendrick Ekstein, uSede Dion noWayde Jooste ezindaweni zika-Ethan Brooks, uVictor Letsoalo noThembela Sikhakhane ngokwehlukana.
Iqembu lasekhaya libe selikhombisa ukuvuka, lakwazi ukwakha amathuba amaningana okushaya igoli kunasesiwombeni sokuqala.
Ngomzuzu ka-58 uTshepang Moremi ucishe watholela AmaZulu igoli lokulinganisa ibhola lakhe abelingqomfe ngekhanda liphuma kancane phezu kwepali selibaliwe kade ligotshwe wuWayde Jooste.
Ukuqhubeka nokucindezela kwaMaZulu kugcine kuthele izithelo uMoremi evalela phakathi elokulinganisa ngomzuzu ka-64.
U-Ekstein ongene nomkhulu umnyakazo, ugobe ibhola elihle eqhamuka ngasohlangothini lwesokudla, uDion wehlulwa wumsebenzi esephume qekelele ibhola lakhe abelingqomfe ngekhandla laphuma kancane eceleni kwepali selibaliwe ngomzuzu ka-75.
U-Ekstein obelokhu eqhubekile nokuba yiphilisi elihambisayo kubadlali basemuva beChilli Boys kulo mdlalo, ucishe washayela AmaZulu igoli lokunqoba ibhola lakhe lishaya ipali selimdlile unozinti uStanley Nwabali ngomzuzu ka-84.
Nokho ugcine elitholele Usuthu igoli lokunqoba ngomzuzu ka-97 wesikhathi esengezwe ngunompempe evalela phakathi iphenathi kade kudlaliswe kabi uDion ngaphakathi ebhokisini.
Lo mphumela usho ukuthi AmaZulu aya ngokuxaxamba kwi-log njengoba manje esendaweni yesishiyagalolunye kwi-log ngemuva kancane kweChippa esendaweni yesishiyagalolunye kwi-log.
Ngakolunye uhlangothi iChilli Boys nakuba ihluliwe kulo mdlalo kodwa isahlezi endaweni yesishiyagalombili kwi-log.
Usuthu luzodlala neRichards Bay FC kowabakhaya baKwaZulu-Natal, ngoLwesibili ngo-7.30 ebusuku, eKing Zwelithini Stadium, eMlaza.