UMENGAMELI waMaZulu, uSandile Zungu, ukuqinisekisile ukuthi iqembu selinqume ukuhlukana nabadlali abangu-11, okubalwa kubona nomgadli ongumakadebona, uLehlohonolo Majoro.
Ekhuluma esithangamini nabezindaba eThekwini ngoMsombuluko, uZungu uthe laba badlali abangu-11 sebetsheliwe ukuthi ngeke besaba yingxenye yaleli qembu ngesizini ka-2023/24 kodwa asikafiki isikhathi sokudalula wonke amagama abo.
UMajoro ubuyele kuMaZulu ngo-2019/2020. Waqala ukudlala esigabeni esikhulu kuwona ngo-2010/2011 ngaphambi kokufudukela emaqenjini aseGauteng.
“Asilona iqembu elithanda ukucekela phansi. Uma kukhona olindele ukuthi ngifunde uhla lwabo abahambayo, ngeke ngikwenze lokho, Ngicabanga ukuthi bonke laba bantu banesithunzi okumele sisivikele,” uZungu ubeke kanje.
“Kwanele ukusho ukuthi phakathi kwalabo abangeke besaqhubeka nokuba ngabadlali baMaZulu FC kukhona nenkakha uLehlohonolo Majoro. Ngikhethe ukumkhipha yedwa eceleni ngoba kuningi akwenzele iqembu eminyakeni edlule.
"Uqale ukudlala kuleli qembu njengomdlali okhokhelwayo. Ungomunye wabadlali abafike sebekhulile ebholeni elikhokhelayo futhi AmaZulu amnika lelo thuba. Kuningi kakhulu akwenzele iqembu ngesikhathi efika, wayodlalela amaqembu aseGauteng naseWestern Cape, waphinde wabuya waqhubeka lapho agcina khona.”
Yize kungakacaci ukuthi uMajoro (36) uzoqhubeka yini nokudlala, uZungu uthe umnyango uvuliwe uma esahlose ukuzibandakanya nebhola ngezinye izindlela.
Lo mdlali odabuka eLadybrand, eFree State, uneziqu ze-Radiography, okuwumkhakha wezokwelapha omayelana nokuthathwa kwama-X-ray, ama-scan nezinye izithombe ezisiza odokotela ukuthi babone kangcono ukuthi isiguli siphethwe yini.
“Ngikujabulele kakhulu ukusebenza noMajoro kusukela ngesizini ka-2020/21 kuze kube yile esanda kuphela. Ngimtshelile ukuthi njengoba isiphelile inkontileka yakhe neqembu kuyinhloso yami ukuthi abuye abe yingxenye yeqembu ngokuhamba kwesikhathi,” uZungu uqhube kanje.
“Ube ngumholi nesibonelo esihle kubadlali abasebancane. Ngokujwayelekile usazothatha isikhashana ukuze athathe izinqumo ngekusasa lakhe. Uma lokho kuhlanganisa ibhola futhi uthando lwaMaZulu lusekhona nakanjani sizoxoxa.
“Kungenzeka akhethe ukuqhubeka nokudlala, uma leso kuyisinqumo sakhe simfisela okuhle kodwa. Sibafisela okuhle bonke abadlali asebephelelwe wubudlelwano naMaZulu.
“Abanye babo basazodlala ibhola iminyaka eminingi futhi angingabazi ukuthi bazovela emaqenjini athile. Siyalithokozela iqhaza abalibambile kuMaZulu.”
Nakuba AmaZulu engakabaqinisekisi abanye abadlali asebeyophuma ngomnyango kodwa leli phephandaba lithole ukuthi, uDumisani Zuma, Abbubaker Mobara noKeagan Buchanan bayingxenye yalaba abangu-11 izinkontileka zabo ezingavuselelwanga noma ezinqanyuliwe. Okunye obekuvelile wukuthi uRamahlwe Mphahlele iyaphela inkontileka yakhe kodwa iqembu belinawo umbandela wokuyivuselela.