AMAZULU ahlongoza ukuyixazulula ngokubuyisa uSiyabonga Mbatha inkinga yokushoda konozinti abhekene nayo.
AmaZulu abolekise ngonozinti uJean-Noel Amonome waseGabon kuThongathi FC oluyibamba kwi-ABC Motsepe Foundation Championship ngesonto eledlule.
Lokhu kuchaza ukuthi asele noVeli Mothwa kuphela konozinti abanesipiliyoni. UMothwa usebanga ijezi no-Olwethu Mzimela obevimbela iqembu elidlala kwiDStv Diski Challenge. Kucushwe ngoSiyanda Khumalo ovimbela eleDiski. Lesi simo sibeka Usuthu engcupheni njengoba lushaya ngonozinti oyedwa onesipiliyoni. Leli phephandaba lihoshe ukuthi lufuna ukubuyisa uMbatha oshiye leli qembu ngo-2021, wajoyina omakhelwane iLamontville Golden Arrows. UMbatha akakaze avimbe kwi-Arrows selokhu eyijoyinile.
"AmaZulu afuna ukubuyisa uMbatha futhi ayaxoxa naye. Kodwa inkinga abhekene nayo wukuthi ufuna isiqiniseko sokuthi uzodlala. Akafuni ukushiya kwi-Arrows ngoba engadlali, ayohlala ebhentshini kuMaZulu. Usuthu alukabuyi nesinqumo," kusho umthombo osondelene noMbatha.
Kwi-Arrows uMbatha ubanga ijezi noSifiso Mlungwana noNkosingiphile Gumede.
Uma egcina ebuyele kuMaZulu, uMbatha uzobanga ijezi noMothwa ofike walidla kuye ngesikhathi somqeqeshi uBenni McCarthy. UMothwa usenyamanambana kwabanye abalandeli baMaZulu abakhala ngamaphutha awenzayo agcina ecekele phansi iqembu. Iphutha okusakhalwa ngalo ulenze kowamanqamu weMTN8 behlulwa yi-Orlando Pirates nge-free kick kaMonnapule Saleng.
Okhulumela AmaZulu, uBrilliant Mkhathini, uthe abakwazi ukukhuluma indaba yabadlali abangakabasayinisi.
"Sizokhuluma uma sesimsayinisile umdlali. Asikwazi ukuthi sifuna unozinti ngoba iningi labadlali banezinkontileka namaqembu abawadlalelayo. Lokho akukhona ubuhlakani. Angiyazi indaba kaMbatha. Izinto ezithinta abadlali zikhulunywa ngaphakathi eqenjini futhi asizikhulumeli eziko ngenxa yokuhloniphana okuphakathi kwamaqembu," kusho uMkhathini.
AmaZulu asenkingeni kanozinti nje, ekupheleni kwesizini edlule achithe uNeil Boshof osekwiRichards Bay FC.
USuthu luzobuyela enkundleni ngoLwesihlanu uma selubhekene neKaizer Chiefs emdlalweni weDStv Premiership eMoses Mabhida Stadium ngo-7.30 ntambama.