AMAZULU FC adedele izembe ezikhulwini ezintathu nakumqeqeshi u-Ayanda Dlamini, owavikise izembe emidlalweni yokugcina yesizini ka-2022/2023.
Isolezwe.co.za lihabula emithonjeni ethembekile nesondelene nalolu daba ukuthi kuchithwe noQedi Dlamini, obeyimenenja yeminyaka yeqembu.
Kubalwa noTsepiso Mofokeng, obeyimenenja jikele eqenjini nowaziwa ngokuba ngumlingani omkhulu kamengameli, uSandile Zungu.
Omunye obalwayo kwabadliwe yinkalivasi, ngu-Ayanda Mkhize, obesophikweni lwabazingelela iqembu abadlali.
Kungena lezi zindaba nje, AmaZulu ameme abezindaba esithangamini ebesizokuba seMoses Mabhida Stadium, eThekwini ngoLwesihlanu ntambama.
Nokho lesi sithangami sigcine sihlehliselwa kuMsombuluko ngenxa, “yokubambezeleka kwezindiza”.
Isolezwe.co.za liphinde lahabula neyokuthinteka kwegama likaLuc Eymael, ngaphezu kwelikaManqoba Mngqithi. U-Eymael ungowaseBelgium futhi uke waqeqesha iFree State Stars inqoba iNedbank Cup ngo-2018.
Lisavela nelika-Alfons Groenendijk waseNetherlands, osanda kuvalelisa kwi-Antalayaspor yaseTurkey.
Kubadlali abaxoshiwe kuvela uDumisani Zuma, Lehlohonolo Majoro, Abbubaker Mobara noKeagan Buchanan.
Ebuzwa ngalezi zindaba uNhlanhla Mkhathini okhulumela iqembu, wenze obekulindelekile, ukuyikhomba ntambama esithangamini abasibzile sabezindaba.
“Iqembu lisingatha isithangami nabezindaba lapho kuzovela khona izinhlelo zesizini ezayo nezinguquko eminyangweni ethile ngokunjalo nabadlali,” kusho uMkhathini ngesizotha.
Kuvela namagama ezikhulu zaseGoli, kwabazovala isikhala semenenja, nesemenenja jikelele.