CISHE alikho elinye iqembu elingcono ukuneCape Town City elingasetshenziswa ngaMaZulu FC ukuzizwa amandla njengamanje.
Lokhu akusikhona nje kuphela kokuthi bayalingana ngamaphuzu ayisithupha kwi-log yeDStv Premiership kodwa kukhona okunye, okuyikho okumqoka, yindlela abathole ngayo lawa maphuzu ayisithupha ngokwehlukana.
Womabili lawa maqembu asemshungwini walawo abuthuntu kakhulu phambi kwamapali. AmaZulu yiwo abuthuntu kakhulu kwazise asashaye igoli elilodwa emidlalweni emihlanu.
ICity yona ibalwa neRichards Bay neCape Town Spurs emaqenjini asayiboniswe kabili ngokwehlukana.
Nebala womane la maqembu athintekayo alandelana ezindaweni ezine emsileni weligi lapho amabhuleki ebanjwe khona ngomakoti, iCape Town Spurs.
AmaZulu abelethene neCity endaweni ka-13 neka-14, lapho beshaya khona ngesikweletu samagoli amabili ngokwehlukana.
Okudalela AmaZulu lesi sikweletu, wukuthi asengenelwe ngamagoli amathathu kuphela kule sizini futhi nawo emdlalweni owodwa, ekuhambeni.
Kulowo mdlalo achathwe yiKaizer Chiefs ngo 3-0 emuva kokushaya elilodwa elibanike amaphuzu amathathu ekhaya ebhekene neTS Galaxy.
“Kufanele sibe nentshisekelo kodwa kufanele futhi sizihloniphe izimbangi, laba ikakhulu ngoba bangelinye lamaqembu amahle kakhulu,” kusho umqeqeshi waMaZulu, uPablo Franco.
“Kufanele sidlale ngokukhulu ukuzimisela ngoba umphumela walo mdlalo neminye ezolandela, yilapho kuzocaca khona ukuthi eqinisweni sibhekephi, simi kanjani?
“Hhayi ukuthi ngithini kodwa indawo yesine iqhele ngamaphuzu amathathu nje kuphela nokungumdlalo owodwa nje vo.
“Okumqoka kodwa njengamanje, akusikho ukucabanga ngokukleliswa (kwi-log) kodwa ngamaphuzu.”
KwiCity, u-Eric Tinkler mhlawumbe ungcono kwazize kubukeka ebathole bonke abadlali abebafunile nokungafani nokwehlela eFranco oSuthwini.
Umqeqeshi waMaZulu usekufihle kaningi ukuphoxeka kwakhe ngezwaca lokuqinisa isikwati sakhe ngomgadli noma ababili.
Uqale walinyalelwa nguSede Dion wase-Ivory Coast, kuqala isizini.
UDion nguye obeqala imidlalo ehola amafolosi kaFranco emidlalweni yokulungiselela isizini.
Uthengelwe uVictorien Adebayor waseNiger kodwa akangafika ngenxa yezinkinga zama-visa. Ngeledlule, kuvele izindaba ezithi sekuhlupha yena uqobo ngoba ufuna AmaZulu alethe nomkakhe isigubhukane ngapha.
Kusabambeke u-Adebayor, uSuthu lumeme uYokhouba Barry waseGuinea, ongasayinanga ngenxa yokungabi ngumqemane ngokugculisayo.
Kuyimanje bazilolonga noVincent Oburu waseKenya, yena okungacaci ukuthi akasayini ngaliphi esikhathini esingaphezu kwesonto ezilolonga noSuthu.