IMARITZBURG United ihlulekile ukungena ohlwini lwamaqembu azolwela ukudlala esigabeni esiphezulu, iDStv Premiership ngesizini ezayo, yize iguqise iJDR Stars emdlalweni wayo wokugcina wesizini kwiMotsepe Foundation Stadium ngeSonto ntambama.
ITeam of Choice inqobe lo mdlalo obuseGiant Stadium, eSoshanguve, ngo 2-1 kodwa kwangalunga ngenxa yokuthi eminye imiphumela ayiyivunanga.
Imidlalo yokugcina kule ligi iqale kunamaqembu amane abebanga izindawo ezimbili kweyokuhlungela ukugijima esigabeni esiphezulu, iDStv Premiership, ngesizini ezayo.
I-University of Pretoria ibisendaweni yesibili ngamaphuzu angu-48, ilandelwe yiBaroka neJDR, abebenamaphuzu angu-46 ngamunye, bese iMaritzburg iba sendaweni yesihlanu ngamaphuzu angu-43.
I-Team of Choice ibidinga ukunqoba umdlalo wayo bese ithandazela ukuthi amaTuks aphume phambili emdlalweni wayo neBaroka FC, ukuze ingene kuma-play off. Nokho, akwenzekanga lokho njengoba amaTuks neBaroka bedlale ngokulingana ngo 1-1 eTuks Stadium.
Lokhu kusho ukuthi iTuks iqede endaweni yesibili ngamaphuzu angu-49, iBaroka yaba nawu-47 kweyesithathu. La maqembu asezolinda iqembu lesithathu okuzoba elizoqeda endaweni ka-15 kwiDStv Premiership esongwa ngempelasonto.
I-JDR igadle kuqala ngomzuzu ka-26 ngegoli elingqofelwe phakathi nguPrince Nxumalo ezihambela yedwa phambi kwepali kulandela ishodi likaSibusiso Ziba elishaye kwi-cross bar.
Kuthe sekusele amanenjana kuyiwe ekhefini iqembu likaSimo Dladla lathola igoli elihle lokulinganisa. UJoslin Kamatuka uphakele uSinamandla Zondi ibhola, wadonsa umgundatshani obheke enethini engaphandle kwebhokisi.
UZondi uphinde waba yiqhawe ngomzuzu ka-71 ngelinye ishodi elihamba phansi, kulokhu ibhola elithole kuJudas Moseamedi ebhokisini.
ETuks Stadium kuyiwe ekhefini iBaroka ihamba phambili ngo 1-0 ngegoli elivalelwe nguKhomotjo Lekoloane, iqembu lasekhaya labuya esiwombeni sesibili ngegoli likaThabang Sibanyoni.
AmaTuks agcina ukudlala esigabeni esiphezulu ngesizini ka-2015/16 kanti iBaroka igawulwe yizembe ekupheleni kwesizini ka-2022/23.
Imiphumela yeMotsepe Foundation: Milford 2-1 Pretoria Callies; Magesi 2-2 Venda Academy; Platinum City Rovers 1-2 Hungry Lions; Upington City 0-0 Casric Stars; Black Leopards 2-0 La Masia; Pretoria University 1-1 Baroka; JDR Stars 1-2 Maritzburg United; Marumo Gallants 1-0 Orbit College.