I-MAMELODI Sundowns ithumele umlayezo oshubile ezimbangini zayo izibeka ethubeni elihle lokudlulela kuma-quarterfinal eCaf Champions League ibhaxabula i-Al Ahly ngo 4-2 izolo ntambama, kowomlenze wesibili weGroup B eLoftus Versfeld Stadium, ePitoli.
Kulo mdlalo obubhekwe ngabomvu yiningi labathandi bebhola nokufakazelwe wukugcwala phama kweLoftus, iSundowns isheshe yacacisa zibekwa ebhandeni ngezinhloso zayo zokusobozela izimbangi zayo uMarcelo Allande evalela phakathi igoli ngomzuzu wesine umdlalo uqalile.
Nokho, i-Al Ahly ikhombise ukuvuka emaqandeni ngokushesha ifuna ukuthola elokulinganisa yalithola ngomzuzu ka-12 ngonyawo lukaMohamed Sherif.
Kodwa iSundowns iphinde yavuka indlobane yahlasela kwavalwa amehlo, uThemba "Mshishi" Zwane, eshayela ezakhe elesibili ngomzuzu ka-24.
ISundowns ebisiphungwa ngezithebe ithole igoli lesithathu sekusele imizuzu embalwa ziye ekhefini ngenkathi uTeboho Mokoena, ededela umbayimbayi weshodi engaphandle kwebhokisi ngomzuzu ka-40 wasala enkemile unozinti we-Ahly, uMohamed El Shanawy.
ISundowns ebiphezulu ngomdlalo ngesiwombe sokuqala, nangesesibili iqhubeke ngomgqigqo wayo njengoba ibilokhu ihlaselile.
Kodwa amaphutha ayo odongeni lwasemuva avumele i-Ahly ukuthi ibuye emdlalweni ngengcwenga yegoli likaPercy Tau, ngomzuzu ka-62.
Ngemuva kwaleli goli i-Ahly ikhombise ukuba yiqembu elingcono kakhulu kunangesiwombe sokuqala, yathola amathuba ambalwa okulinganisa kodwa kwala khona ukwenza.
Nokho, amaSandawana aphinde akhombisa futhi ukuthi yiwona akhonyayo emdlalweni ngenkathi umgadli ongacushwa phambi kwamapali, uPeter Shalulile, enza adume ngazo ngokuvalela igoli lesine elenze kwaba ngu 4-2
Akangagcina lapho njengoba ephinde elesibili elenze kwaba ngu 5-2 ngomzuzu ka-84.
Ukunqoba kwamaSandawane umdlalo kuqhubezele irekhodi elihle lalezi zingqungqulu zaseTshwane, uma zibhekene namaqembu ase-Egypt, kule nkundla yasePitoli, njengoba neZamalek yake yagqitshwa kuyo le nkundla ingasaphathwa eyamaRed Devils, asephume kaningi kule nkundla opha amakhanda.
Njengamanje amaSandawana yiwona athe chwa phezulu kwi-log kaGroup B ngamaphuzu angu-10. Empeleni ibisidinga amaphuzu amathathu emidlalweni emithathu ebisasele ngaphambi kwalo abaphuze khona ikhabe kw-Ahly.